UKHOZI FM lumise umsakazi walo, uBheka “Beekay” Mchunu ngenxa yenkulumo okuthiwa uyenze emoyeni ngoLwesihlanu. Umthombo opotshozele Isolezwe izindaba zokumiswa kukaBheka uthe, lo msakazi uphawule ngoLinda Sibiya yize abasakazi bedonswe ngendlebe ukuthi bangaphawuli lutho ngaye.
“NgoLwesihlanu uthe, ‘Mr Magic, lizoduma izulu’ esho emoyeni, yize bebeceliwe ukuthi bangaphawuli lutho ngoLinda,” kusho umthombo.
Okushiwo uBeekay emoyeni kutolikwe njengokuthi uthokozela ukuhoxiswa kwecala likaMr Magic ongumngani wakhe omkhulu.
UBeekay wethula uhlelo iSithakela Isizwe olungena ngoMsombuluko kuya kuLwesine ngo-8 kuya ku-11 ebusuku.
NgoLwesihlanu wayebambele uTshatha Ngobe ohlelweni iWoza Nabangani Bakho ngo-3 kuya ku-6 ntambama nokuyilapho okuthiwa waziqhatha khona
nabaphathi.
Ethintwa uBeekay ukuqinisekisile ukumiswa kwakhe.
“Ngeke ngikwazi ukuphawula ngoba anginawo amandla. Abaphathi abangakwazi ukukhuluma kahle ngoba ngiphethwe. Khona ngimile kusukela ngoMsombuluko. Ngeke ngiqambe amanga. Ngeke ngiphike ngoba ngisebenza emoyeni, abantu bayezwa ukuthi angikho,” kusho uBeekay.
NgoLwesihlanu kuhoxiswe icala lokukhwabanisa uR1.8 million ebelibhekene noMr Magic enkantolo egxile emacaleni athinta imali eGoli.
Leli cala lamxoshisa kulo msakazo ngo-2014 eshayela uhlelo lwasekuseni phakathi nesonto iVuka Mzansi.
Umphathi-siteshi woKhozi FM, uSbongi Ngcobo, unqabile ukuphawula wathi akuthintwe okhulumela iSABC, uNeo Momodu.
Imizamo yokuthola uNeo ayiphumelelanga njengoba ebeluvalile ucingo, bekunomyalezo othi akakwazi ukukhuluma.