INTOKAZI enguzime wakuleli uLalela Mswane, idalule ukuthi iyakujabulela ukuyomela izwe lethu ngenyanga ezayo, emcimbini kaMiss Universe ozoba e-Israel, yize kunabangayizwa eyohambo lwayo.
Kuqubuke umsindo emva kwemibiko yokuthi uLalela waseRichards Bay, uzomela iNingizimu Afrika, emcimbini kaMiss Universe e-Israel. Zikhwele zadilika izinhlangano ezihlukene zinxusa intokazi, nabahlela umcimbi kaMiss SA, ukuthi bangabi yingxenye yawo.
Bathe balwa nokucwaswa kwabanye abantu kulelayi lizwe njengoba kusenabantu abangaphethwe ngendlela efanayo. Lokhu kuholele ekutheni ngisho uhulumeni wakuleli, aziqhelelanise nalo mcimbi.
Kunesitatimende asikhiphile namhlanje uLalela ngenkathi efulathela elakuleli. Yize izindiza zakuleli sezivaliwe ukuba ziye kwamanye amazwe, emva kokutholakala kwegciwane elisha leCovid-19, kepha ayiphumelelelanga imizamo yokuthola incazelo ngohambo lwakhe. Abahleli beMiss SA, abatholakalanga ukuba baphendule imibuzo ngohambo lwakhe.
Esitatimendeni sakhe uLalela, ubonge wonke umuntu okhombise ukumsingatha njengoba ebheke kuleliya lizwe.
“Imiyalezo yenu yoxhaso bengiyizwa nxazonke ngiyabonga kakhulu kuwona wonke umuntu. Ngisendleleni ebheke kulo mcimbi ngisho sengikhona ngicela niqhubeke nokungixhasa kulolu hambo engiluthathayo. Ngiyanithanda nonke,” kusho uLalela.
Inhlangano kaMiss SA, ifisele uLalela uhambo oluhle lokuya kulo mcimbi. Yathi bayameseka futhi bamfisela konke okuhle kulona.
Umcimbi uzoba e-Eilat, ngoDisemba 12 kanti kuzobe kunamazwe angu-123.
Kwenzeka lokhu nje, ongezime wakuleli ngonyaka odlule, uShudu Musinda usePuerto Rico, lapho eyomela izwe emcimbini kaMiss World.