ISILILO sabantu bakuleli ngokubulawa komlingisi uMndeni (Thobani Nzuza) emdlalweni Ehostela, siphoqe ukuthi lo mdlalo uziqophe kabusha ezinye iziqephu zokugcina zomdlalo.
NgoMgqibelo kuqale phansi ukuqoshwa komdlalo okulindeleke ukuthi kuphele ekupheleni kwesonto.
Kuthiwa nesiteshi, uMzansi Magic siqhamuke nokunye esifisa kufakwe kulo mdlalo ngenxa yezinkulumo zabantu abakhombisa ukuwuthakasela.
Umthombo weSolezwe uthi ukuqoshwa kuqale ngoMgqibelo kuzothatha isonto lonke.
“Kuphoqile impela ukuthi kubizwe wonke umuntu kuzoqalwa phansi ukuqopha ngenxa yokuthi abantu bakhalile ngokufa kukaMndeni futhi bebemfuna ephila. Yena ngokomdlalo vele ubezoshona kodwa bekuzoba khona into ebizomangaza abantu futhi baphide bajabule,” kusho umthombo.
Uthe lo mdlalo njengoba usuqoshwa kabusha nje kuningi okuzojabulisa ababukeli futhi abanye ubashiye bebambe ongezansi.
“Uma ngizwa, kuthiwa kuzobonakala nabantu abasha kodwa ke okwamanje asikazi ukuthi obani kodwa nje muningi umsebenzi njengoba sekuqalwe phansi,” kuchaza umthombo.
UPhilly Kubheka oyinhloko yezinhlelo zobumnandi zaseNingizimu Afrika kwaM-Net uvumile ukuthi kuneziqephu ezizoqoshwa kabusha ezingasekugcineni.
“Kukhona la kungenzakalanga kahle khona ngenxa yemishini esetshenziswayo kodwa manje ngenxa yokuthi konke sekulungile yikho siqale phansi ukuqopha,” kuchaza uPhilly.
Lo mdlalo bese kuphele isikhathi esingangenyanga kuphelile ukuqoshwa kwawo, ehostela KwaMashu .
NgoMgqibelo izithombe zokuqoshwa kweziqephu ezithile zibonakele ezinkundleni zokuxhumana zifakwa ngabanye abantu.