UMSIKI wengqephu uPalesa Mokubung ukuthatha njengokufezeka kwephupho lakhe ukusebenza ngokuhlanganyela nesitolo sezimpahla sakwaH&M.
Kuthiwa izimpahla uPalesa azikhiqiza enkampanini yakhe iThe Mantsho sezizoqala zitholakale kwaH&M kusuka ngo-Agasti.
“Konke ukuzikhandla ngisebenzela ukuthi konke kuphumelele namhlanje kuthele izithelo. Sengikulinde ngabomvu ukukhombisa ngothando lwami lwemfashini kubathandi bayo hhayi nje kuleli kuphela kodwa nasemhlabeni wonke. Okunye esiziqhenya ngako ngengqephu yeMantsho wukuthi iyimpahla esuke isilungele ukugqokwa noma nini noma yikuphi,” kusho
uPalesa.
Uthe igama Mantsho alisebenzisa ezimpahleni zakhe liyiSeSotho lichaza ukuthi ubumnyama buhle. “Izimpahla zami sengikhombise ngazo emicimbini emikhulu emazweni okubalwa kuwo iGreece, India, USA, Jamaica, Nigeria, Botswana naseSenegal. Imisiko yami abaningi bayayazi ihlukile futhi ngaso sonke isikhathi ngiqhamuka nento entsha ehlukile kusuka ezingubeni nasebucwebeni,” kusho uPalesa.
Uthe izimpahla zakhe zizotholakala ezitolo ezise-USA, United Kingdom, France, Spain, Portugal, Netherlands, Belgium, Mexico, Chile nase-Israel.
UPernilla Wohlfahrt, wakwaH&M uthe bayayithanda indlela uPalesa asebenza ngayo. Indlela asebenzisa ngayo imibala nabheka ngayo imizimba yabesifazane yenza izimpahla zibukeke kahle,” kusho uPernilla.