UMLINGISI ozakhele udumo kwiThe Queen neSkeem Saam uNatasha Thahane, ucishe wangawubona lo nyaka ngenxa yokuxinwa yisifo sofuba.
UNatasha (22), oqhuba uzifundo zokulingisa esikhungweni semfundo ephakeme sase-USA iNew York Academy, udalule kwiTwitter yakhe ukuthi waphuthunyiswa esibhedlela kumbulwa kwembeswa.
“Yilesi sifo sofuba. Ngichithe amahora ayisithupha egunjini lezimo eziphuthumayo. Ngihlale izinsuku ezimbili esibhedlela kodwa ngomusa kaNkulunkulu ngiphumile, angibange ngisaficwa uNcibijane esibhedlela,” kusho uNatasha.
Kwenzeka lokhu nje uNatasha uqhuba kahle kakhulu ezifundweni zakhe azenza kulesi sikhungo njengoba esanda kufaka imiphumela yakhe ezinkundleni zokuxhumana.
Ubeveza nalapho etuswa khona nawuthisha omfundisayo.
UNatasha uqale ukwaziwa ngokudlala indawo ka-Enhle emdlalweni osakazwa kuSABC1 iSkeem Saam ngo-2015.
Washiya phansi lo mdlalo ngoJulayi 2016 eseyolingisa indawo ka-Amo Maake kwiThe Queen yakuMzansi Magic.
Eminye imidlalo alingise kuyona kukhona iThe Saints and Sinners, Drama King, Single Galz, Ses’Top La, Umanqoba kanti ubevela nasezikhangisweni zethelevishini.
Ungumzukulu ka-Archbishop Emeritus Desmond Tutu.