NAMUHLA sibungaza uSuku lwe-Afrika ngokubuka izindawo ezingu-10 ezithandwa kakhulu ngabavakashi kuleli lizwekazi.
EKapa, Ningizimu Afrika - 10
IKAPA yindawo ethandwa kakhulu yizivakashi zakwamanye amazwe. Okuhle kakhulu ngaleli dolobha ukuhlangana kwezinhlobonhlobo zabantu, amasiko ahlukene, umlando, ezemvelo nokudla, yingakho iteketiswa ngokuthi yiMother City.
Izikhathi ezinhle zokuvakasha: Phakathi kukaNovemba noJanuwari lapho kusuke kunezivakashi eziningi zakwamanye amazwe. Abakuleli bathanda ukuvakasha eKapa ngo-Okthoba naphakathi kukaFebhuwari noMashi.
Victoria Falls, egudla phakathi kweZimbabwe neZambia - 09
LE mpophoma igudla phakathi kweZimbabwe neZambia. Abantu abaningi asebeke bayibona bathi ubuhle bayo kabuchazeki futhi iwumfanekiso ophelele wobuhle be-Afrika.
Izikhathi ezinhle zokuvakasha: Phakathi kukaFebhuwari noMeyi.
Omo River Region, Ethiopia - 08
ISIFUNDA sase-Omo River, e-Ethiopia, singesekhethelo futhi sicashile emehlweni omhlaba. Izwe lase-Ethiopia laziwa ngezinto eziningi kodwa hhayi ezokuvakasha. Abantu sebevuleka amehlo ngobuhle baleli lizwe kanti kuthiwa udinga ukuzifikela mathupha ukuze uzibonele. Isikhathi esihle sokuvakasha yisekuqaleni kukaSepthemba kuze kube sekupheleni kuka-Ephreli.
Mount Kilimanjaro, Tanzania - 07
CISHE akekho ongakaze ezwe ngeMount Kilimanjaro, ngoba baningi asebehambele kule ndawo beqwala le ntaba eyaziwa njengenkulukazi e-Afrika. Ubuhle bayo bufanele labo abathanda imvelo. Kuzokhumbuleka ukuthi abantu abafana noMroza, ongumsakazi woKhozi, naye useke wayiqwala le ntaba. Kuthiwa kuhle kakhulu ukuvakasha phakathi kukaJanuwari noMashi ngoba kusuke kubanda futhi emaningi amathuba okuthi likhithike. Kuhle futhi ukuvakasha naphakathi kukaJuni no-Okthoba.
The Maasai Mara National Reserve, Kenya - 06
UMA uthanda izilwane zasendle, ubuciko namasiko, iMassai Mara kumele ibe yingxenye yezindawo ongazihambela. Ngeke uyikhalele imali yakho. Uhambo lwaseMaasai Mara National Reserve lukuholela eSerengeti National Park and Game Reserves eseTanzania. Vakasha ngezinyanga zamakhaza phakathi kukaJulayi no-Okthoba, uhambe nesinqandamathe sakho, uzosibambela eduze uthole imfudumalo. Kuthiwa izinyanga zasehlobo zimba eqolo ngoba baningi abathanda ukuvakasha ngaleso sikhathi.
Virunga National Park, Democratic Republic of Congo (DRC) - 05
KUTHIWA ngo-Ephreli nangoMeyi bese kuba wu-Okthoba noNovemba, yizona zikhathi lezo ongahlela uhambo lwakho uma ufuna ukubona ubuhle bemvelo nezilwane ezahlukene zemvelo.
Okavango Delta, Botswana - 04
LE yindawo enhle uma ufuna ukuphumula, ushaywe wumoya. Izivakashi eziningi zithanda ukubona izilwane zasendle zibe zindiza ngebhaluni elisebenza ngomoya oshisayo. Usiko lokuhamba ngaleli bhaluni luthi uma senifikile lapho eniya khona niqabula isiphuzo esimnandi se-champagne ukwehlisa uvalo nokusonga kahle uhambo oluhle. Kuthiwa kumnandi kakhulu ukuvakashela kule ndawo phakathi kukaMeyi noSepthemba.
Zanzibar, Tanzania - 03
LE ndawo ifuna sengathi ungahamba nesinqandamathe sakho, umuntu wakho ngqo, hhayi lo enidlala naye umacashelana. Phela ithandwa kakhulu yilabo abasanda kushada, namabhishi akhona afuna abantu abathokoze ngokweqiniso ukuba ndawonye. Ungavakasha kule ndawo noma uhamba nabangani bakho, nifunde kabanzi ngengxube yamasiko abaseNdiya nama-Arab. Ubuye ufunde ngamakhono abo akhethekile okwenza ubuciko bezandla nokudla okwehla esiphundu. Kuhle ukuvakasha phakathi kukaJuni no-Okthoba.
Giza Necropolis, Egypt - 02
ABANTU abaningi bayakhohlwa ukuthi i-Egypt ilapha e-Afrika. EGiza Necropolis, yilapho ozothola khona iGreat Pyramid of Giza, iPyramid of Menkaure, ne-Pyramid of Khafre.
Le ndawo iqukethe umlando omkhulu waleli lizwe nohambo lwalo lwenkululeko. Uzobona ufunde kabanzi ngomfula iNile, namathuna abantu ozobakhumbula uma uke wasondelana neNcwadi eNgcwele. Vakasha phakathi kuka-Okthoba no-Ephreli, ngoba amazinga okushisa asuke ekahle, kungashisi kakhulu futhi kungabandi.
Kruger National Park, Ningizimu Afrika - 01
UMA kukhulunywa ngendawo ephethe yonke into, ubuhle bemvelo, ubukhazikhazi bukanokusho, izilwane zasendle kanjalo nobumnandi, sikhuluma ngeKruger National Park. Awudingi ukutshelwa ngale ndawo ngoba ikhona lapha ekhaya. Gibela itekisi, ibhasi noma uhambe ngemoto yakho, yenza konke okusemandleni ukuthi ufike kule ndawo. Ungahlela kahle izinto zakho uhambe phakathi kuka-Ephreli noSepthemba ubuye uzosixoxela ngobumnandi nobuhle obubonile.