UMSUNGULI weJoyous Celebration, uMthunzi Namba, udalule ukuthi i-albhamu yabo entsha ephuma namhlanje iJoyous Celebration 23, iphethe okwehlukile nokuzojabulisa abathandi baleli qembu.
Leli qembu liqophe le albhamu ngonyaka odlule ngoDisemba, eKapa.
UMthunzi uthe sebebheke ohambeni lwabo lwamadolobha akuleli.
“Le albhamu njengamanye edlule iqukethe into edingwa yiwona wonke umuntu. Yintsha, ihlukile kodwa inaleya nto leli qembu elilokhu liqhubekile lizakhela ngayo udumo kwabaningi.
“Nemicimbi esizoba nayo emadolobheni ahlukene njengoba siqala eCarnival City, eBig Top Arena emasontweni ezayo, izobe iqukethe lokhu abantu abasazi ngakho,” kuchaza yena.
Uthe emasontweni amathathu edlule, njalo ngoLwesihlanu bebekhipha izingoma ezikhona kule albhamu.
“NgoMashi 15 sikhiphe ingoma eculwa uMnqobi Nxumalo ethi Ngamthola (Akekho), ngoMashi 22 sakhiphe ethi Thabang Lenyakalle, eholwa uPastor Given Mabena kuleli qembu, esontweni lokugcina sikhiphe ethi, Ingumlilo eculwa uLondiwe Cele. Siyethemba ukuthi abantu lezi zingoma bazijabulele kodwa bazojabulela i-albhamu yonke njengoba isiphuma,” kuchaza yena.
“Abantu ababeke leli qembu la likhona manje bafanelwe okuningi okuhlukile emicimbini esijwayele ukuba nayo.
“Okunye esikwenzile kulo nyaka besiqeqesha intsha enethalente ekuthungeni, okuyiyona ethole ithuba lokuthunga izimpahla ezizobonakala zigqokwe yiqembu kulo nyaka,” kuchaza yena.
IJoyous izonandisa eCarnival City ngo-Ephreli 19, 20 no-21.