UMSAKAZI we-East Coast Radio uthi akukho azihlelela kona kodwa uyekelela konke kuNkulunkulu.
UNomthandazo “Tee” Xaba (21) ukhuluma kanjena nje kungenxa yokuthi usanda kunikwa olunye uhlelo olusha kulo msakazo.
Le ntokazi yazakhela udumo ngesikhathi ingenele umncintiswano wabaculi abazozama inhlanhla, ama-Idols ngo-2017.
Ilandisa Isolezwe le ntokazi, ithe seyizwakala ohlelweni lwezingoma ezishisa izikhotha ku-East Coast Radio, iTop 40 ngemiGqibelo phakathi kuka-10 ekuseni no-2 ntambama. “Ngijabule kakhulu ngokuthola leli thuba kodwa ngibuye ngibe novalo. Kodwa ngithokoze kakhulu.” Okunye athe kumthokozisa kakhulu ngalolu hlelo ukushintshana ngombhobho noDanny Guselli. “Ngiyalijabulela ithuba lokumazi nelokusebenzisana naye. UDanny uyazikhandla ngomsebenzi wakhe futhi ngiyazi ngizofunda lukhulu kuyena,” kusho uTee.
Ukungenela ama-Idols SA kwamvulela amathuba njengoba wabuye wabamba iqhaza emncintiswaneni wokupheka, iMy Kitchen Rules SA. Ikhono lokusakaza livumbululwe umsakazo oseDUT, iRadio DUT.
Uthe usuke kulo msakazo osesikhungweni semfundo futhi ongenzi nzuzo wangena ku-ECR yona eyenza inzuzo bamfaka ezintatha,
njalo ngeMigqibelo nangamaSonto phakathi kuka-3 no-6.
Yize ekhule ekuthanda ukulalela umsakazo kodwa akaze azitshele ukuthi angagcina esengumsakazi.
Uthe uzimisele ngokukhula kulo mkhakha.
Kubasakazi akhule ebathanda ubale nengqalabathu engasekho emhlabeni eyazakhela olukhulu kwiMetro FM, uEddie Zondi , uSentle Lehoko (weMetro FM) noSelbeyonce(uKhozi FM).
Yize ewuthanda umculo, okwamanje usazimisele ngokuqinisekisa ukuthi uyakhula kwezokusakaza agcine esenamava kukho.
“Ngiyakuthanda ukuba uchwepheshe kunoma yini engiyenzayo. Ngifisa ukuba womunye wabasakazi abathola izindondo nemiklomelo kwezokusakaza,” kusho uTee.
Uphethe ngokuthi uzogxila emsakazweni aphinde abambe elikhulu iqhaza ezintweni ezithinta abantu besifazane.