ISoweto Gospel Choir ebuye nendondo yesithathu kumaGrammy Awards
LIBONGELWE ngisho umengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa iqembu lomculo iSoweto Gospel Choir, ebuye nendondo yesithathu emcimbini amaGrammy Awards.

Lo mcimbi we-61, wezindondo nothathwa njengomunye wezinkulu emhlabeni ububanjelwe eStaples Center, eLos Angeles, ngeSonto ebusuku.

Kuwo amaciko ahlukene emhlabeni ahlonishwe ngegalelo lawo, alidlalayo andimeni  yobumnandi.

Leli qembu beliqokwe okwesihlanu kulo mcimbi, neseliwine kathathu, kuwo.

Le ndondo liyithole nge-albhamu yalo ethi Freedom.

Indondo yaleli qembu yamukele amalungu lo okukhona kuwo, uDiniloxolo Ndlakuse, Shimmy Jiyane, Mary Mulovhedzi noMulalo Mulovhedzi.

UMengameli uthe, elakuleli kumele lilibonge leli khwaya ngokuxoxa izindaba ezihlukene zakuleli nokuqhubeka libeka elakuleli ebalazweni.
"Siyayibongela iSoweto Gospel Choir  ngokuthola le ndondo. Lena indondo yabo yesithathu siyababongela kakhulu," kuchaza yena.

Abanye ababongele leli qembu kukhona kubo umholi weDA, uMnuz Mmusi Maimane, Herman Mashaba, Professor Thuli Madonsela, iqembu leNkatha nele-EFF, Thembisa Mdoda nabanye.

Leli qembu aliqali ukuthola indondo enkulu emhlabeni njengoba selike lahlabana ngeyaziwa nge-EMMY.

Kwenzeka lokhu nje, elakuleli sekujwayelekile ukuthi lizitholele izindondo kulo mcimbi njengoba iLadysmith Black Mambazo ihlababe ngendondo efanayo ngonyaka odlule.

Emcimbini wayizolo insizwa esanda kufika emculweni, uChildish Gambino igile izimanga njengoba ihambe nezindondo ezibalulekile ngengoma yayo ethi  "This is America".

UChildish uthole indondo yeRecord of the Year, neSong of the Year, kanti uqophe umlando ngalokhu kwazise bekungokokuqala ukuthi le ndondo inqotshwe yiculo leHip Hop.

UCardi B nayue uqophe umlando eba umrepha wokuqala wesifazane ukunqoba indondo ye-albhamu yomculo we-rap ehamba phambili.
Intokazi ebiphethe uhlelo lwalo mcimbi u-Alicia Keys, ijabulise abaningi ishaya ophiyano ababili ngesikhathi icula izingoma zayo ezihlukene kuwona lo mcimbi.