UKUTHAKASELWA kwengoma yeqembu laseMlaza, Abathandwa, kukhumbuze abantu i-albhamu yalo abase beyikhohliwe.
Leli qembu elinamalungu angu-15 likhiphe i-albhamu yalo yokuqala ngonyaka odlule ethi Amagatsha.
Kule albhamu ayikho ingoma yalo eshisa izikhotha kulezi zinsuku, ethi Ehhe moya wami.
“Ngendlela le ngoma ethandwa ngayo ikhumbuze abantu i-albhamu yethu ngoba nayo isiqale phansi iyathengwa,” kusho umholi weqembu, uPercy Nyoka.
UPercy uthe bese kunesikhathi belokhu beyicula, i-Ehhe Moya Wami kodwa bengakayiqophi.
“Besilokhu siyicula uma sizihlalele singakucabangi nje ukuthi kungaba yingoma esingayenza. Besiyiqopha kuma-video abantu bayibona base beyayicela, sibe sesiyiqopha. Asizange sihlele ukuthi sizokhipha ingoma ethandwa kangaka ngoba sinezinye izingoma ebesicabanga ukuthi zingashisa izikhotha,” kuchaza uPercy.
Uthe iyabamangaza indlela ingoma ethandwa ngayo njengoba inamasonto amathathu iphumile.
Uthi ukuthandwa kwayo kubavulele iminyango njengoba bemenywa kuzona zonke izinkalo zezwe. Uveze ukuthi ngempelasonto bebeseLimpopo futhi bazoya e-East London.
“Ngesikhathi iphuma ivele yaba phambili ngokuthengwa ku-iTunes nakuGoogle Play. Abantu bayithakasela kakhulu nasezindaweni zobumnandi.”
Ngesonto eledlule leli qembu libonakale linandisa eMax’s Lifestyle.
UPercy uthe baqala ukuhlangana ngo-2009 kodwa ukubona ukuthi babheke kuphi kube ngu-2015. Iminyaka yamalungu eqembu iphakathi kuka-18 no-25.
“Sikhule ngandawonye sonke futhi sifunda sonke. Kuthe ngo-2016 sahlangana noSfiso Ncwane ongasekho njengoba silapha sikhona manje. Icela ku-10 iminyaka siyibambile.”