NGO-2017 Ongangezwe Lakhe ekhuluma esigodlweni eNyokeni, KwaNongoma, wakhala kakhulu ngoKhozi FM nokusetshenziswa kolimi.
Isilo sacashunwa kuleli phephandaba sithi uKhozi alukunakile ukuthi luhlalelwe wumsebenzi wokufundisa abantu kabanzi ngolimi lwabo ngoba luyigugu lesizwe.
Sathi lesi siteshi simenzela phansi uZulu.
“Ngabona ngokuthi bashintshe igama elinoZulu bathi bawuKhozi. Bavele basiqamba ngenyoni nje, sekuyacaca ukuthi babeqonde khona ukubulala ulimi,” yasho kanje iNgonyama yengeza nokuthi ayazi nokuthi lichaza ukuthi leli gama lenyoni.
Okungikhumbuze le nkulumo yeMbube wukuzwa abanye babasakazi bengakhulumi ulimi ngendlela efanele.
Angisiyena ungoti wolimi nami kodwa kukhona izinto esikwaziyo ukuzisho ngolimi lwethu ngaphandle kwenkinga. Yizinto ezincane lezi engikhala ngazo njengokusho isikhathi nje. Ukusho ukuthi sekuzofundwa izindaba ezifingqiwe kunokuthi sisaya kuma- news headlines.
Nathi lapha ephephandabeni sihlale silungiswa mihla namalanga uma siphambuka futhi esingakwazi sicela ukukhanyiselwa ngabahluzi bethu kukho. Ngicabanga ukuthi kumele kube yinto efanayo futhi nasoKhozini. Umsakazi uma kukhona angakwazi ukukusho ngesiZulu acele usizo. Bakhona ozakwabo abanjengoTshatha abasaziyo isiZulu. Ukhona futhi nobaba uMpumelelo Mbatha ohlale efundisa ngolimi ohlelweni lwasekuseni phakathi nesonto.
Abanye futhi abantu abanokuphula ulimi yilo ithimba elifunda izindaba. Lishayeka kakhulu ngesikhathi sekufanele lihumushe elikufundayo okanye litolike obekushiwo wumuntu obekhuluma isiNgisi. Lihumusha ngendlela okubhalwe ngayo igama negama kanti empeleni kumele uhumushe umqondo womusho. Uma ulandelanisa ngegama kugcina kungasazwakali kahle okanye kube yi-“zunglish”.
Ngike ngimuzwe uKing Sfiso ezama ukukhuluma isiZulu yize engowaseGoli futhi esejwayele ukukhuluma isiLungu. NoMzokoloko uyazama ukujwayela ngoba ubesesakaze ngesiNgisi isikhathi eside kodwa unakho ukufaka isiNgisi kungenaso isidingo nokuyinto okumele ayiqaphele. Phela lena yinsizwa yalapha nje eGingindlovu. Kumele engabe uyasho ukuthi seligamenxe ihora lesine hhayi ukuthi isikhathi ‘uhalf past 4’.
Omunye esimthwalisa kanzima IsiZulu uSelbeyonce bandla. Nanegama nje lohlelo lwabo noSiya Mhlongo lulodwa luyisiNgisi, 12 To 3 Cafe.
Mhlawumbe yithi esingaqondi ukuthi Ukhozi alusakazi ngesiZulu phaqa. Mhlawumbe * -90% wesiZulu bese kuba wu-10% IsiNgisi. Kwi-website yabo akucaci kahle ukuthi kuthiwani ngolimi, ngike ngadlulisa amehlo kuyona.
IsiZulu simnandi ungasishebi nalutho. Bheka umdlalo iHostela wawuthokozelwa kanjani nesiZulu sawo. Bheka abaculi abanjengoSjava batuswa kanjani ngokuziqhenya ngokuba ngamaZulu.
Ungangibhalela [email protected] kuTwitter @fanelebengu