UZOHLONISHWA ngefilimu, iphephabhuku neqophamlando, umsunguli weqembu iLadysmith Black Mambazo, uJoseph Shabalala
.
Ngo-2020 kuzogujwa iminyaka engu-60, leli qembu laba khona.
Lokhu kuvezwe okhulumela iMambazo, uXolani Majozi njengoba sekuvele izindaba ezithi umqondisi wamafilimi nama-video ezingoma ozinze eGoli, uMpumi Mbele, umatasa neqophamlando likaShabalala elizokwaziwa nge-Untold - A Documentary About Joseph Shabalala and Ladysmith Black Mambazo.
Leli qophamlando lizoqoshwa KwaZulu-Natal futhi lixhaswe ngemali yikhomishini yamafilimu yaseKZN.
“NgoLwesine (kusasa) besizohlangana nomndeni ukuze usibeke esithombeni ngalolu daba. Lona siyalwazi njengoba sesike sezwa ngalo futhi umndeni ujabule.
“Lokhu okuvela manje akukhona kuphela okuzohlonishwa ngakho leli qhawe kodwa kuningi njengoba ubaba uShabalala kungekho ongawazi umsebenzi wakhe kuleli,” kusho uXolani.
Uthe iphephabhuku nefilimu kuzobe kukhuluma ngokukhula kwakhe, kuze kube usungula iMambazo.
“Lona umlando ongeke ulibaleke kalula njengoba uzofundwa, ubukwe izizukulwane. Ifilimu nayo izogxila ekukhuleni kwakhe kuze kube uqala iqembu,” kuchaza uXolani.
Ephawula ngokwenza iqophamlando uMpumi uthe ugqugquzelwe ukubuka iMambazo nokuhlangana izikhawu eziningi noShabalala.
“UHugh Masekela nguyena engaqale ngamcela ukwenza lolu hlobo lweqophamlando kodwa wangitshela ukuthi umuntu okumele ahlonishwe kakhulu kuleli nguJoseph Shabalala.
“Sesiqalile ukusebenza ngaleli qophamlando futhi kukhona esesikuqophile sakukhombisa umndeni, wajabula kakhulu,” kuchaza uXolani.
Uthe iqophamlando lizoqala ukubonakala eCinema ekupheleni konyaka ozayo noma ekuqaleni kuka-2020.
“Sizoyiqopha KwaZulu-Natal ikakhulukazi eMnambithi, eBergville, eThekwini okuyizindawo akade egxile kakhulu kuzona. Ngeke silishiye ngaphandle iGoli nezinye izindawo zaphesheya azihambelile,” kuchaza uMpumi.