Ifilimu: Us
Umqondisi:
Jordan Peele (Get Out),
Abalingisi abaqavile:
Lupita Nyong’o; Winston
Duke; Elisabeth Moss; Tim
Heidecker; Shahadi Wright
Joseph; no-Evan Alex,
Uhlobo: Horror,
Isikhathi: 1h 56min,
BANCANE abantu abajabulele iGet Out, enye yamafilimu amakhulu aphume emabhayisikobho ngo-2018, abangezukuyithakasela i-Us.
Ababukele neBlack Panther bazowakhumbula amagalelo kaWinston Duke (M’Baku) nakaLupita Nyong’o (Nakia), abawumgogodla we-Us.
Okunye okusheshe kuqapheleke ngoPeele kwi-Us, wukuthi uyabathanda abantu abamnyama. Lokhu ngenye yezinto ezenza ukwelamana kwe-Us neGet Out kungafuniselwa.
Indikimba yefilimu -
UDuke (Gabe/Abraham) noNyong’o (Adelaide/Red) badlala umyeni nomfazi abathatha iholidi nezingane zabo ezimbili bevakashala ekhaya labo elidala eSanta Cruz. UGabe nezingane bafuna ukutetemuka baye ebhishi.
Empeleni uGabe uthenge ngisho isikebhe kodwa * -Adelaide ngakolunye uhlangothi uzwa besibekelwe “yifu elimnyama”.
Lokhu kumenza angakhululeki kangangoba uyancengwa nokuba kuyiwe ebhishi. Ukuba manqika kwakhe uzozibonela ebhayisikobho ukuthi uPeele usivezela kanjani umsuka wakho. Ngikholwe, kuzowenza nakuwe umqondo. Bobahlanu laba basebenze omkhulu umsebenzi kule filimu bedlala ngendlela ekhangayo izindawo ngazimbili ezahlukene.
ABALINGISI be-Us, uWinston Duke noLupita Nyong'o benomqondisi walesi sithombe uJordan Peele
UGabe nguye ophethe isikhwama samahlaya kanti uNyong’o ukwenza uzibuze ukuthi yiyiphi indawo eqavile neyeseka enye phakathi kweka-Adelaide Wilson nekaRed.
Akukwazi ukuthi kuziqondanele kodwa ngubuchule bukaPeele nokuthi bonke laba bazibulalele mathupha ezinye izindawo abazidlalayo kule filimu njengalokhu kwenze uGabe ku-Abraham no-Adelaide kuRed kanjalo nezingane.
Ungalindeli kodwa le filimu ifane ncamashi neGet Out, lokho kungakwenza ubuye unokuphoxeka kwazise i-Us ayishayi kuzwele. Empeleni ungayifanisa nokudla okwephulwe eziko kungakacoyiseki.