Umbuzo: Nginesoka leminyaka emine. Konke kuhamba kahle phakathi kwethu. Selivelile ngisho ekhaya ukuzokwenza izimfanelo zamalobolo. Inkinga nje isekutheni yena unabantwana ababili komama abahlukene, mina anginamntwana.
Enginolwazi ngaye yilo wokuqala ahlala naye. Lo wesibili angazi lutho ngaye futhi akafuni ngisho ukuyiphatha nje indaba yabo. Isinokungisolisa manje le nto ngoba sengathi kukhona akufihlayo. Yini eyenza ukuthi eminyakeni engaka kodwa angikaze ngiyibone ngisho ukuyibona le ngane yakhe. Ingabe kusekhona okukhona phakathi kwakhe nonina wengane?
Lihle, eKatlehong
Impendulo:
Kona kuyacaca ukuthi kukhona into engamthokozisi neze mayelana nengane yesibili. Kungenzeka ukuthi kukhona okwenzeka phakathi kwabo okwenza ukuthi kube khona ukungaboni ngaso linye mayelana nengane. Yini ngempela into eyenza ukuthi le ngane ingavakashi ngisho nokuvakasha? Sisola ukuthi kungenzeka ukuthi bahlukana kabuhlungu okwadala uqhekeko phakathi kwabo. Kuhle kakhulu ukuthi uyisukumele le ndaba. Kuza izinsuku zikaKhisimusi, ake ucele ukuthi umntwana wesibili avakashe ukuze abonane nomunye. Ake uzwe ukuthi lizothini isoka lakho.
Umbuzo:
Singabazalwane abaneminyaka engu-15 beshadile. Uyangithanda umyeni wami futhi ungiphethe kahle. Akukho angeke angenzela kona njengonkosikazi wakhe. Nami ngiyazifela ngaye. Inkinga iqala nje uma sekumele ngiphume ngomsebenzi. Ungishayela ucingo kuze kuyoshona ilanga. Kwala noma sengimtshela ukuthi ngisuke ngisemsebenzini ngakho angikwazi ukuphendula ucingo ngazo zonke izikhathi. Isiqala ukungikhathaza manje le nto ngoba yiyo nje vo into esixabanisayo nomyeni wami. Okungiphatha kabi kakhulu wukuthi uvele angangikhulumisi isonto lonke uma eke wangangithola ocingweni. Ngikhathele.
Lungi, eNewcastle
Impendulo:
Kubukeka sengathi nihlalisene kahle nomyeni wakho. Akukho okudlula loko. Kuncane ngempela enimele nikulungise. Kubukeka sengathi umyeni wakho uthwele imithwalo asuka nayo ebudlelwaneni asuka kubo. Umshado wenu muhle awudingi ukoniwa kodwa kona kubalulekile ukuthi umyeni wakho abhekane nalesi simo sakhe. Unezinkomba zomuntu onesikhwele kakhulu. Isikhwele-ke singaba yingozi kakhulu kwabashadile. Funani usizo ngokushesha kubeluleki bezemishado ukuze nikundlale kubo lokhu enibhekene nakho.
Umbuzo:
Bekumele ngishade nesoka lami ezinyangeni ezimbili ezedlule. Konke bese kumi ngomumo. Kanti angazi ukuthi ngelanga lomshado uzokhetha ukungishiya ngimile phambi kwabantu, akangalubhada nhlobo emshadweni wethu. Abangani bakhe bangitshela ukuthi wake wayebatshelile ukuthi akazofika ngelanga lomshado ngoba akakakulungeli ukushada. Angikaze ngiphoxeke ngale ndlela phambi komndeni wami nabangani bethu.
Ubuyile emva kwesonto ezoxolisa ngesenzo sakhe. Wacela ukuthi siphinde sibeke elinye ilanga lomshado ngoba uyazisola ngakwenza. Kunzima kakhulu kumina ukuphinda ngimethembe emva kwesenzo sakhe.
Thando, eNtuzuma
Impendulo:
Isenzo sesoka lakho asisihle neze futhi kuzothatha isikhathi ukuthi umndeni wakho uphinde umthembe. Kona kungenzeka ukuthi ngempela ube novalo lokushada kodwa wahlulwa ukuthi enzenjani ngalolu valo. Thina sibona kungcono nithi ukuhlala kancane ngaphambi kokuthi nishade ke nazane kangcono.
Umbuzo:
Abesilisa abasashelani njengakuqala. Abantu abaningi sebehlangana ezinkundleni zokuxhumama ezinjengoFacebook. Senginabesilisa abaningi abafisa ukungazi kangcono kulezi zinkundla kodwa ngiyasaba ukuhlangana nomuntu ngale ndlela. Kunabuphi ubungozi ukuhlangana nomuntu wesilisa ngale ndlela? Sekukaningi ngizwa ngabantu besifazane ababulawangabantu abahlangene nabo ezinkundleni zokuxhumana. Senzenjani ukuzivikela ekutheni singahlangani nezigilamkhuba ekuzameni ukuthola uthando?
Makhosazane, eMayville
Impendulo:
Zona zishintshile impela izikhathi. Baningi kakhulu abantu abashadile namhlanje abahlangana ezinkundleni zokuxhumana nakuyo i-internet. Ungazivaleli ngaphandle nawe uze uphuthelwe umuntu ongakuthanda. Kuyiqiniso elimsulwa ukuthi akusiye wonke umuntu okulezi zinkundla ongamethemba. Zama ukuthola lonke ulwazi ngomuntu ngaphambi kokuthi nihlangane. Okubalulekile wukuthi uma nihlangana okokuqala nihlangane lapho kukhona abantu abaningi.
Facebook: Mo & Phindi
Instagram: Mo & Phindi
Email: [email protected]