INTOKAZI yakuleli ezakhele igama yethula izinhlelo okubalwa kuzo iLive Amp kuthelevishini uLuthando “Loot Love” Shosha, izoqala ukuzwakala ngeSonto emsakazweni, i-Africa Now Radio.
Lo msakazo awugcini ngokuzwakala kuleli kuphela, uyafinyelela e-Afrika yonkana, Paris, London naseNew York City. Le ntokazi ibe ngenye yezinye ezingabuyelanga kwiMetro FM ngesikhathi kwenziwa izinguquko emisakazweni ehlukene kwiSABC.
Kulesi siteshi esisanda kubungaza unyaka saqala, kudlalwa kakhulu umculo osuke uhambe phambili emhlabeni. Ekhuluma ngokuba yingxenye yalo msakazo uLoot Love, uveze ukuthi ujabule kakhulu.
"Umculo ngezinye zezinto engizikhonze kakhulu ngakho ukuqhubeka ngilokhu ngisebenza kulo mkhakha kuyangijabulisa. Leli yithuba lokuqhubeka nokuqhakambisa i-Afrika yonkana kwamanye amazwe kodwa-ke kakhulu mina ngizogqamisa izwe engiphuma kulona, iNingizimu Afrika kanjalo namaciko ahlukene engizobe ngisebenza nawo engivakashela ohlelweni lwami.
“Okunye okungijabulisayo ngokuba yingxenye yalo msakazo ukuthi ngizofunda nangolunye uhlobo lomculo oluqhamuka emazweni ahlukene esizobe siludlala kulesi siteshi,“ kusho uLoot Love.
Ohlelweni lwakhe lokuqala uLootLove uveze ukuthi uzobe ehlezi nomculi u-Angélique Kidjo, ozobe ekhuluma nge-albhamu yakhe ethi Mother Nature nezophuma ngoJuni 18.
Uthe okunye okuzokwenzeka kulona uzodlala izingoma ezinhlanu zabaculi base-Afrika nacabanga ukuthi yizona ezihamba phambili manje.