UYICHITHILE inkontileka abenikezwa yona yiSABC yokuphatha izinhlelo zoKhozi FM, uNtsoaki Shoeshoe Qhu, obesezoqashelwa lesi sikhundla.
Isolezwe like labika emasontweni edlule ukuthi uNtsoaki nguye ozonikezwa lesi sikhundla esivuleke ngokuhamba uZandile Tembe ngasekupheleni konyaka odlule.
Kusukela kwahamba uZandile isikhundla sibanjwe nguMandla Mdletshe odume ngokwethula uhlelo lwe-jazz ngeSonto.
Phambilini uNtsoaki watshela leli phephandaba ukuthi uyile kwinhlolokhono kodwa usalinde iSABC ukuthi imazise ukuthi uphumelele yini noma cha.
Umthombo waleli phephandaba uveze ukuthi uNtsoaki unikeziwe inkontileka kodwa ubengakayamukeli.
Ebuzwa yileli phephandaba ukuqinisekisile ukuthi unikeziwe inkontileka.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi nginikeziwe inkontileka wuKhozi kodwa ngayenqaba ngoba bekunamanye amathuba obekumele ngiwabheke okuyiwo abengcono,” kusho uNtsoaki.
Umthombo uthe uyichithe ngoba ethole izeluleko zokuthi uzothwala kanzima ukusebenza kuKhozi ngenxa “yepolitiki” yangaphakathi.
“Ngeke ngiphawule ngendlela yokusebenza yoKhozi ngoba angazi. Ngicela uthinte iSABC ngalokho,” kusho uNtsoaki.
Okhulumela iSABC, uGugu Ntuli, uthembise ukuthi uzakwabo uzoyiphendula imibuzo ethunyelwe kubona kodwa kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela kungenzekanga.
Omunye umthombo uthe kubukeka sengathi uMandla usazohlala ekubambeni ngoba uhlelo lweSABC lokuqasha luthatha isikhathi ukuphothulwa.
NgokweLinkedIn, uNsoaki ungumphathi wesiteshi iVoice of Wits. Uke waba ngumdidiyeli kwi-702, iSAFM, Kaya FM neRadio Zibonele. Uneziqu ezahlukene azithole ezikhungweni okubalwa kuzo iLondon School of Journalism, eNyuvesi yaseWits neVega School.
Kwenzeka lokhu nje ziyaqala izinguquko emoyeni ngoLwesihlanu kuKhozi. Ngesonto eledlule ithimba lesiteshi belise-Underberg lapho belethula khona ukuthi izinhlelo zizohamba kanjani, linikezana namaqhinga.
Uhlelo lukaDJ Sgqemeza noMroza Buthelezi seluzoqala ngo-6 ekuseni phakathi nesonto. Ngo-12 kuya ku-3 uBheka Mchunu ukhishiwe kwafakwa uKing Sfiso noZimdollar. Emuva kwabo kubuya uTshatha Ngobe noSelby Mkhize emuva kokuthi uSiya Mhlongo esusiwe wafakwa ohlelweni olusha olubizwa ngokuthi Ukhozi TV.