KUMELE sikwamukele ukuthi izinkundla zokuxhumana seziyingxenye yempilo yethu yansuku zonke.
Angiqondi ukuthi kungani eminye imisakazo ingazithatheli phezulu izisebenzise ngendlela ukuze ihehe abalaleli abasha.
Ngokwami nje kumele kube nethimba elibhekelele izinkundla zokuxhumana emsakazweni. Kube khona elingena ekuseni bese kuba khona elibhekelele izinhlelo zasebusuku.
Lokhu kuzokwenza ukuthi singabi khona isikhathi lapho kuye kuthuleke khona, kungabi nalutho okushiwo ezinkundleni zokuxhumana.
Uma ubheka imisakazo efana neMetro FM izinkundla zayo azithuli, kukhona okuhlale kushiwo khona ngaso sonke isikhathi.
Lokhu yingoba kunomuntu obhekelele zona ngqo. Engiye ngikubone kweminye imisakazo ukuthi abadidiyeli bezinhlelo yibo abangena kuzo bafake ukuthi kwenzekani. Lokho kuhle kodwa kubuye kube yinkinga ngoba abanye bagcina bexinwa ngeminye imisebenzi njengeyokuhlunga izingcingo nokubheka ama-voice note kuWhatsApp baze bakhohlwe ukubhala kwezinye izinkundla zokuxhumana.
Ezinye izinhlelo azinabo abadidiyeli, umsakazi uzibambela mathupha kuyo yonke into. Lokho kwenza kube nzima ukufaka ezinkundleni zokuxhumana.
Lapho engiye ngibone kuyinkinga khona kakhulu yiseziteshini zomphakathi. Kumele ziqinise impela. Ukunakekela izinkundla zokuxhumana ne-website yesiteshi umsebenzi nje impela ophelele okhokhelayo. Ngiyazi iziteshi zomphakathi zibuye zintule imali kodwa kumele izanywe ibhajethi yakhona. Akufakwe nabafundi ukuze bathole isipiliyoni somsebenzi.
Ngisanda kubona ukuthi Imbokodo FM uyazisebenzisa izinkundla ngokuphinde uqophe bukhoma amavidiyo okusuke kwenzeka estudiyo. Lokhu kumele kube yinto evamayo.
IZululand FM nayo iyazama ukuzisebenzisa yize sengathi ibuye ikhohlwe. Neminye njengoNanda FM noVibe FM ngiye ngiyibone. Ikhona neminye ezisebenzisayo.
Ukusebenzisa ngendlela izinkundla kuzokwenza ukuthi noma ungalalele ubone ukuthi kwenzakani bese ufuna ukuyozwa. Yindlela yokugabisa okwenzeka ohlelweni. Bheka nje ohlelweni, iKanye Nawe, kuKhozi FM ngoLwesihlanu bazisebenzisela ukuheha abangezwa ngokuba nomuntu okhuluma ngezandla.
Nezinga lezithombe namavidiyo alibe seqophelweni eliphezulu.
Nabakhangisi uma izinkundla zinabalandeli abagcini ngokufaka izikhangiso emoyeni kodwa nezasezinkundleni bayazifuna.
Ungangibhalela [email protected], kuTwitter @FaneleBengu noma kuFacebook Fanele Bengu