IZIHLABANI zomculo kamaskandi Osaziwayo zisophe ukuhlwitha iqatha emlonyeni uMroza Fakude kwiNgqwele Kamaskandi Top 30.
Uma kubalwa amavoti angene ngoMgqibelo nangeSonto, ezikaKhangelani "DSD" Mhlongo sezilele isibili ngamavoti awu-2 204 kuMroza onawu-2 209. UMroza noSaziwayo bake basebenzisana eminyakeni eyedlule, kunguMroza obelekelela ngezwi eqenjini. Endaweni yesithathu kulele umculi wesifazane waseLovu, Indodakazi Yentandane ngamavoti awu-956.
Igcokama Elisha lisendaweni yesine ngamavoti awu-807 kuthi endaweni yesihlanu kube khona uKhuzani ngamavoti awu-667.
Imfezemnyama isezithendeni zeNdlamlenze ngamavoti awu-664. Amageza Amahle, aseholwa nguPotso Ngobese, asendaweni yesikhombisa ngamavoti awu-448.
UGovozile ukunombolo 8 ngamavoti awu353, kuthi endaweni yesishiyagalolunye kube wuBahubhe ngamavoti awu-287 bese eshumini kuvala iqembu likaDkt Andile Dlamini, Osukasambe, ngamavoti awu-211. Awabaliwe amavoti angene izolo. Ukuvotela iTop 30 bekufanele kugcine izolo ebusuku kodwa sekuzogcina ngoJanuwari 31 ngenxa yokuthi kunomaskandi abathi sibesincane isikhathi sokukhankasa.
Ngenyanga ezayo kuzobe sekumenyezelwa iTop 10 ezobe isinabaculi izithombe zabo ezizovela ekhalendeni lomaskandi elenziwa minyaka yonke yiSolezwe. Labo baculi bazobuye bakhishelwe eshashalazini yilo Isolezwe ngokwehlukana, bechaza ngomlando wabo emculweni.
Umculi ozophumelela uzoklonyeliswa ngendondo ehambisana nemali inani layo elizomenyezelwa lingakapheli isonto. Abazovota kakhulu bazolokhu benikezwa imiklomelo masonto onke bese kuthi obahlule bonke athole imali.
Osophikweni lezokukhangisa kwiSolezwe, uNksz Phumi Mkhize, uthe abantu abangakhathazeki uma bebona zingabuyi izimpendulo uma bevota ngoba amavoti abo ayafika.
“Sifuna ukwenza indumezulu yomcimbi lapho sizomemezela khona iNgqwele Kamaskandi futhi sihlela ukuthi kunandise labo baculi abangene kwiTop 10. Umcimbi uzoba ngo-Ephreli, inyanga esigubha ngayo ukusungulwa kweSolezwe.”
Khonamanjalo, uShwi Nomtekhala neZingane Zoma bacele ukuba bahoxiswe emiqhudelwaneni yomaskandi ngenxa yokupiklelana kwabaculi. Nakuba kunjalo kodwa libukeka lilikhulu isasasa kubalandeli ngalo mncintiswano.
Imininingwane yokuvota itholakala esikhangisweni somncintiswano ekhasini leshumi.