INGWAZI kamaskandi, uPhuzekhemisi, ithe yize umculo wayo ungadayisi njengakuqala kodwa ngeke ibe nezinduna zabalandeli ezizoyidayisela wona.
Lo mculi ugcine ukukhipha ngo-Okthoba wonyaka odlule i-albhamu ethi Sinenkinga Ndabezitha.
“Uma i-albhamu ingazange idayise kahle kuthatha isikhathi ukungena estudiyo wenze enye. Ngiyoze ngingene ngonyaka ozayo,” kusho uPhuzekhemisi.
Abaculi abafana noKhuzani banezinduna ezibasizayo emculweni lapho abalandeli bakhe bewathola khona amaCD.
“Ngeke ngikwenze lokho. Ngenza engakhula ngako. Angizifuni izinduna ngoba zigcina ziqhatha abantu ngenxa yokuthi zibiza abaculi ngoqhawe lami. Abanye abaculi baxabana nje baqhathwa oqhawe lami. Noma ngilalela umculo ngidlala owawo wonke umuntu. Kumanje nje ngizidlalela iSoul Brothers kodwa ngeke ngithi amaqhawe ami,” kusho uPhuzekhemisi.
UPhuzekhemisi ubuye waveza ukuthi uhlela umcimbi iPhuzekhemisi Festival ezoba ngoDisemba 16 eNsepheni Sports Ground, KwaDumisa.
“Inhloso yalo mcimbi wukunikeza abasafufusa ithuba lokuthi baziveze ukuthi nabo baziphilisa ngomculo. Siqhubeka lapho esagcina khona ngeNedbank Music Challenge lapho esavusa khona Ichwane Lebhaca noVumile Mngoma,” kuchaza uPhuzekhemisi.
Uthe kulo mcimbi kuzobe kunandisa uMbuzeni, Ichwane Lebhaca, Inyoni Emhlophe, Osukasambe nabanye abaningi.
Uthe kuzongenwa mahhala kanti kuqala ngo-9 ekuseni.