ISILOMO somlingisi woZalo, uKhaya “GC” Dladla, sithe bangaphansi kwenkulu ingcindezi ngoba kumele banyuse izinga kwisizini entsha yalo mdlalo ngonyaka ozayo.
UKhaya ubekhuluma emcimbini wokuphothulwa komsebenzi wesizini yesine yalo mdlalo okhonjiswa ngo-8.30 ebusuku phakathi nesonto kuSABC 1. Umcimbi ubuseViews at Twenty5, eThekwini, ngoLwesibili ebusuku. Uthe ukuvula kwababukeli uSABC 1 kushintsha impilo zYabo. “Angazi ngezinye izinhlelo ezinababukeli abangu-100.”
Uthe miningi imidlalo ngesikhathi sabo kodwa uyajabula ukuthi abantu abangu-10.2 million eNingizimu Afrika babuka Uzalo. “Singaphansi kwengcindezi. Izinyanga ezimbalwa zokuqala zesizini yesihlanu kumele okungenani sibe nababukeli abangu-11 million. Kumele kwenzeke, ngijabule.”
Uhalalisele ozakwabo wathi basazowola izindondo.
UGugu Gumede onguMaMlambo, uthe ngesikhathi beqala abantu babebabiza ngamavukana ekulingiseni. “Sibheke manje. Sasebenza ngokuzikhandla.”
Umdidiyeli womdlalo uMmamitse Thibedi, uthe ukuba nababukeli abangu-10.2 million akusiwona umdlalo.
“Kusho ukusebenza ngokuzikhandla nokuzinikela. Ngithanda ukunibonga (esho abalingisi). Abasebenzi bayamangalisa. Sisebenza izinsuku eziyisithupha ngesonto, amahora angu-12 ngosuku. Emvuleni, othulini nasebumnyameni bahlale bekhona bephila futhi bayawazi umsebenzi. Banethalente eliyisimanga.”
UKHAYA Dladla ubonge abalandeli boZalo ngesikhathi lo mdlalo unomcimbi wokusonga isizini yesine izolo eViews at 25, eMorningside eThekiwini.
Video: @FaneleBengu
- @Uzalo_SABC1 pic.twitter.com/X26WiEbJJO
— Isolezwe Newspaper (@IsolezweNews) October 31, 2018
Ubonge ababukeli wathi bangabantu abamnyama asebexoxa izindaba zabo futhi bazemukela kahle. Kulo mcimbi bekunabalingisi okunguMasoja “Nkunzi” Msiza, Baby “Gabisile” Cele-Maloka, Simphiwe “Sbu” Majozi, Ntokozo “Mastermind” Dlamini, Nocxy “Thobile” Mabika nabanye. Kunandise iDistruction Boyz, DJ Tira noTipcee.