UZOVELA phambi kwekomidi lePremier Soccer League (PSL) eliqondisa ubugwegwe umqeqeshi weFree State Stars, uLuc Eymael, emasontweni adlule odikile abezindaba ngemuva kokuthi behlulwe AmaZulu FC emdlalweni we-Absa Premiership.
IStars yashaywa ngo 2-1 kulo mdlalo eKing Zwelithini Stadium yize yakha inqwaba yamathuba okushaya amagoli kodwa yangawasebenzisa.
Ngemuva komdlalo u-Eymael wakhuluma nabethelevishini kodwa wangabe esakhuluma nabamaphephandaba nabemisakazo abebelindile.
“Umqeqeshi weFree State Stars ubekwe icala ngokuphula umthetho weNSL wabezindaba kulandela ukuthi engayanga kokhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo wabo naMaZulu FC ngo-Agasti 19. Uzovela ekomidini ngoSepthemba 4,” kusho isitatimende.
Kwagcina kukhulume iphini lakhe nezintatheli, uDavid Vilakazi, nalo lazihlangula lithi alimazi ukuthi ukephi lizwe kuthiwa umqeqeshi “usehambile”.
Ngemuva kwalokhu * -Eymael ucashunwe kweminye imithombo yabezindaba ethi akayanga ezintathelini ngoba wayebanjwe wumkhuhlane. Wathi yena akazange abone muntu owayemlindile futhi akekho owamtshela ukuthi kunesithangani nabezindaba.
Lo mqeqeshi akusiyena kuphela ozobhekana nolaka lwePSL. Unozinti weBaroka u-Ayanda Dlamini nalo iqembu bazoquliswa ngemuva kokuthi lo mdlali afuqa ngebhola umfana olanda ibhola emidlalweni ngesikhathi bebhekene nabakhaya iPolokwane City. Umfana wasizwa wukuthi avike ukuze angalimali. Icala labo lizolalelwa ngoSepthemba 6.
U-Eric Tinkler naye uzovela ekomidini ngenkulumo okuthiwa wayenza esekwiSuperSport United ngoFebhuwari.
IChippa United nayo ingene enkingeni ngemuva kokuthi abalandeli bayo bangena enkundleni igcina ibambana ngo 2-2 neBlack Leopards emdlalweni weligi. Abalandeli beChippa abalimazanga impahla futhi abashayanga muntu, babebhiyozela ukubuya kwezabo zikade zilandela ngemuva.
Nokho kuyinto eyaziwayo ukuthi kuyicala ukuthi abalandeli bangene enkundleni noma ngabe bajabule okanye badiniwe. Bonke laba bazoya ekomidini ngoSepthemba 6.