UKUKHOHLWA yizinkinga ezigcine zimlethe kwiChippa United kukaThabo Rakhale, yikhona osekwenze lo mdlali wabonakala ebuyela ezingeni ake waba kulona ngesikhathi esagijima kwi-Orlando Pirates eminyakeni edlule.
Empeleni ngokukamqeqeshi we-United, uClinton Larsen, lo mdlali udlala ibhola elisizengeni eliphezulu kakhulu elifanelwe nawukubhekwa ngabaqeqeshi beqembu lesizwe iBafana Bafana.
URakhale ushiye kweZimnyama ngo-2017 ngemuva kokubhedelwa yizinto eqiwa yisikimu kubikwa ukuthi usegxile kakhulu ezimbizeni zikaFaro. Usinde ekufeni eba sengozini yemoto eyashaya uthango lomuzi nokwatholakala ukuthi wayebukhile ngesikhathi eshayela.
“Kusukela ngifikile kwiChippa ngifice abaqeqeshi abakholelwayo kimina futhi abebelokhu bengigqugquzela. Isibonelo nje wumqeqeshi uTebza (Tebogo Moloi) owangishayela ucingo wangitshela ukuthi angize lapha ngikhohlwe yizinkinga ngizodlala ibhola ngibone ukuthi lizongibeka kuphi.
"Nabaqeqeshi abamlandelile nabo bangesekile. Njengamanje nginomqeqeshi obekholelwa ethalenteni lami nangaphambi kokuthi ngize ngisebenze naye. Lokhu kuyangijabulisa. Yingakho engifuna ukukwenza njengamanje wukuthi ngikhuphule izinga lami njengomdlali,” kusho uRakhale.
Emidlalweni emibili edlule, lo mdlali wasesiswini owaziwa ngemijiko, uqokwe njengovelele bekhipha iBidvest Wits kwi-quarterfinal yeNedbank Cup, waphinde wadlala ingcwenga yebhola, beshayela ekhaya AmaZulu FC emdlalweni we-Absa Premiership ngempelasonto edlule.
IChilli Boys ibiwadinga kakhulu amaphuzu agcwele kulo mdlalo njengoba ibalekela izembe futhi namaqembu angaphansi kwayo ayinqobile imidlalo yawo.
Ihleli endaweni ka-13 kwi-log ngamaphuzu awu-24. Iyalingana namaqembu angemuva iBaroka FC ngeFree State Stars.
Kusasa uRakhale kuzomele aphinde adlalise okwebhubesi ukusiza ezakhe zithole amaphuzu agcwele kwiWits eNelson Mandela Bay Stadium ngo-8 ebusuku.
Eminye imidlalo ebasalele kwiligi okumele balwele ukungashaywa kuyona oweMamelodi Sundowns, Kaizer Chiefs, Cape Town City nePolokwane City.
“Awukho umdlalo ongekho mqoka njengamanje. Noma ngabe sithola amaphuzu amathathu noma iphuzu lizobe libalulekile kithina. Kumele sizame ukuthi kungabi khona umdlalo esizohlulwa kuwona. Ngiyazi kuzoba nzima kodwa kumele sizame konke okusemandleni ethu,” kusho uRakhale.
Ebuzwa ngekusasa lakhe kwiChippa nangesifiso sokubuyela emaqenjini athathwa njengamakhulu, uthe: “Ngijabule ngokwenza kahle eqenjini futhi ngijabule ngokuthi ngiyadlala. INkosi eyaziyo ukuthi kuzokwenzakalani ekupheleni kwesizini.”