AMAPHUTHA enziwe ngu-Alfred Ndengane odongeni lwasemuva kwi-Orlando Pirates, ngezinye zezinto ezibe nomthelela ekuphumeni kweqembu kwiCaf Champions League.
Lokhu kuze ngemuva kokukhishwa kuseva kwiNedbank Cup nokuhlulwa kowamanqamu eTelkom Knockout nokushiya Ezimnyama ne-Absa Premeirship kuphela isicoco ezisangakhalela kuso kule sizini kwazise neMTN8 zayikhomba yaze yayosithela eKapa neCape Town City.
Umbuzo uthi ngabe kuNdengane iPirates yatheza isitobha esizobuyisa okwahamba noRooi Mahamutsa, Lucky Lekgwathi noSiyabonga Sangweni afike wanikwa unombolo 21 wakhe noma yathenga ingulube isesakeni.
UNdengane ube ngumdlali wokuqala ukuqokwa njengovelele enyangeni kule sizini esadlala kwiBloemfontein Celtic ayishiye kungazelelwe. Nokho kusukela ejoyine iPirates akakyikhombisi ifomu abe nayo kwiCeltic.
UDavid Kannemeyer, odlale njengesitobha eqoqa indathane yezicoco nezimbangi ezinkulu zePirates - iKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns, uthi uNdengane unawo amava okusiza iPirates ibuyise isithunzi ngokunqoba iligi.
“Njengamanje kwiPirates wonke umuntu unengcindezi. Umuntu omusha njengoNdengane kuleso simo kungenza akuzwe ngokwedlulele ukucindezeleka,” kusho uKannemeyer, osehlabane ngezicoco ezinhlannu zeligi azinqobile ngamaphepha aphambili okuqeqesha, iCaf B Licence.
“Ukuba nosuku olubi enkundleni akumenzi umdlali omubi nongalifanele iqembu elikhulu. Ebholeni uhlezi uzowenza amaphutha kodwa okumqoka wukuthi uyakwazi yini ukuvuka uzithathe. Ungumdlali onamava, ubalulekile kwiPirates ukuba ayisize inqobe iligi okuyiiyo yodwa esiyibhekile.”
Unombolo-21 uNdengane afike wanikwa wona kwiPirates, uya ukhombisa ukusinda isithunzi sikaSangweni, ofike kwiPirates wayinqobisa izicoco eziyisithupha kumasizini amabili elandelana.
Kusuka ngesizini edlule le nomblo ibigqokwa ngumfowabo kaNsimbi, uThamsanqa nokho oxakeke waze wathululelwa kwiChippa United.
Kule sizini ube usuwela kuNdengane.
UKannemeyer, ocija iMagic FC eziyihambela kahle izinto kwi-ABC Motsepe League eWestern Cape nesanda kutibulisa iChiefs kwiNedbank Cup, uthi kulele kubalandeli ukuthi ingasindi le nombolo ngokuthi bangalindeli ukuvuka kukaNsimbi kumuntu oyigqokayo.
“Angikholwa wukuthi inombolo kufanele imeleke ingcindezi (uNdengane). Ukube ungumdlali wethenisi, yebo besingamehlulela ngayedwana kodwa ibhola ngumdlalo weqembu. Angabasiza kakhulu kwiligi. Emaqenjini amane aphezulu kwi-log balandela iSundowns kwabasangenelwe amagoli amancane,” kusho uKannemeyer.
Lo mqeqeshi uncome nokuqashwa kukamkhaya wakhe uFadlu Davids njengenye yezinto ezingasiza iPirates esisocweni seligi.
IPirates ibuyela emidlalweni yeligi ngo-Ephreli 6 eBidvest Stadium lapho izonqwamana khona neBidvest Wits ejahana nayo.