UMQEQESHI weTshakhuma Tsha Madzivhandila, uMpho Maleka, ucacisa ngezilomo zakhe uTokelo Ranite ozakhele ugazi kwi-Orlando Pirates noGeorge Lebese odume kwiKaizer Chiefs.
URantie ufike kwiTshakhuma ekuqaleni kwesizini ngemuva kwesikhathi eside izinto zingamhambeli kahle echithwa amaqembu okubalwa kuwo iCape Town City neMamelodi Sundowns.
Lokho kwenze akangashesha ukungena egiyeni kodwa uMaleka uthi useyaqala ukuba wumshini.
“UTokelo! NgoTokelo kufanele sibonge umlolongi wemiziba (fitness trainer) ngokuthi kade elokhu emuphusha, emkhuthaza ukuthi akhiphe amangwevu akhe,” kusho uMaleka.
“Nguye obemfuna ukuthi enze okungaphezu kwabezicabangela khona. Nokumdlalisa kwethu imizuzu ethe xaxa (engaphezu kuka-80 behlula iTS Galaxy koweligi ngo-Ephreli 10) yize bekuhambisana nezinhlelo zethu kodwa bekuncike nasekuzinikeleni. Siyakubonga ukunikela akukhombisile. Sethemba ukuthi uzoqhubeka asinikeze okungaphezulu.
“Okumqoka wukuthi ube ngaseqenjini elinqobile ngokwakha igoli. Njengomgadli siyazi ukuthi uma ungayibonswanga inethi uke uhalele ukuthi noma-ke usungakhela ozakwenu. Ngilangazelele ukuthi lokho kumkhuthaze enze okuthe xaxa emdlalweni olandelayo.
KwiTshakhuma uRantie kulindelwe abuyise ithalente lakhe ebeselicwila kungaqondakali ukuthi kubangwa yini.
Empeleni ngemuva kokuganwa eminyakeni edlule uRantie uvele wacwila waphenduka neqaqa emaqenjini aphesheya kwazise uqale ukugqama khona.
Uficwa yisinyama nje uke waba semabhukwini eFC Bournemouth inyukela kwi-English Premier League.
Nokho ugcine esethutheleka naseTurkey kwaya walahlekelwa nayindawo yakhe kwiBafana Bafana abebukeka enekusasa eliqhakazile kuyo.
Esinye isilomo okulindelwe lukhulu kuso kwiTshakhuma nguLebese yena izinto eziqale ukumbhedela esekwiChiefs esolwa ngokuvilapha.
Bekulindelwe ukuthi afike avuke ngaphansi kukaPitso Mosimane kwiSundowns kodwa kwanhlanga zimuka nomoya wabolekiswa kwiSuperSport United. Ugcine evumbuka e-USA kodwa kuthe izinto zisamhambela kahle, kwafika iCovid-19 yavala imingcele nokuholele ekutheni aze afike kwiTTM.
“UGeorge silindele ukuthi abekhona emidlalweni esemthethweni esontweni noma amabili ezayo,” kusho uMaleka.
“Naye njengoba ngike ngasho ngoTK (Tokelo) usebenza kakhulu nomlolongi womzimba ukuze abuyele egiyeni lokudlala. Ngokomqondo kodwa uyambambona ukuthi usekulungele.”