UPITSO Mosimane unesifiso sokunqoba isicoco seMTN 8 neMamelodi Sundowns kodwa ubona ikhalenda leCAF Champions League kuyilona elingaba yisithiyo ekufezeni lokhu.
UMosimane usezinqobe zonke izindebe neSundowns eminyakeni emihlanu eneqembu, okuhlanganisa isicoco seChampions League neseSuper Cup.
I-MTN 8 akakaze ayiphakamise namaBrazilians. Selokhu ayigcina isabizwa nge-SAA Supa 8 neSuperSport United ngo-2004.
Ekhuluma nabezindaba ngempelasonto, uMosimane uthe akanalo ixhala ngokuthi le ndebe ilokhu imphunyuka.
“Akusiyona into enginexhala layo kodwa ngiyafisa ukuyinqoba neSundowns. Inkinga le ndebe idlala kanye neChampions League lapho kubhekwe khona kuma-quarterfinal. Okusho ukuthi angikwazi ukubophela isikimu esiqinile. Kumele ngiqikelele ekuphumuzeni abadlali njengoba ngenzile ngoTiyani Mabunda ukaputeni (Hlompho Kekana) no (Tebogo)Langerman ngoba ngiyabadinga emdlalweni olandelayo,” uMosimane.
UMabunda noLangerman abadlalanga iSundowns iguqisa iLamontville Golden Arrows ngo 2-0 kuma-quarterfinal eMTN 8 ngempelasonto edlule. UKekana wayephunyuziwe bedlala nePolokwane City kowe-Absa Premiership ngesonto eledlule.
Umdlalo olandelayo weSundowns oweChampions League lapho izovakashela iWydad Athletic Club yaseMorocco.
Lo mdlalo ungoLwesihlanu eStade Mohamed IV ngo-8 ebusuku. Iqembu likaMosimane lidinga ukunqoba okanye okungenani libuye nephuzu ukuzigcina ethubeni lokudlulela kuma-quarterfinal omqhudelwano.
“Yingakho ngikhethe ukubeka eceleni uRicardo Nascimento ngoba ngingafuni ukugembula ngaye njengoba silanyalelwe nawuBangally Soumahoro. Sidlale ebhentshini singenaye omunye umdlali wamaphakathi emuva. Kodwa noma ngabe wubani osenkundleni, sisuke sidlalela ukuthi sinqobe izindebe,” kusho uMosimane.
Yena neqembu lakhe bahambe izolo belibhekise eMorocco. Kuma-semi final eMTN 8 bazodudulana neCape Town City. Umlenze wokuqala wale midlalo uzoba ngo-Agasti 25/26.