UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, uthi isingumlando eyokunqoba kwabo iCape Town City, kowamanqamu eMTN 8 njengoba bezobhekana nayo okokuqala kweyeligi.
ISundowns engagayelwa mphako kulezi zinsuku, izotholana phezulu kusasa ngo-5.30 ntambama neCape Town City kowempindamshaye emdlalweni weDStv Premiership, eCape Town Stadium, eKapa.
IDowns iguqise i-The Citizens ngo 3-2 sekukhahlelwa amaphenathi kowamanqamu eMTN 8 ngo-Okthoba 30, nokuyilapho unozinti wayo uDenis Onyango, abayiqhawe evimba inqwaba yamaphenathi.
“Siyayihlonipha iCape Town City futhi silindele umdlalo onzima kuyo ngoba iyiqembu elidlala kahle yize inobuthaka obuncane emuva, nokuyibona esizobusebenzisa uma sesibhekene nayo.
Ukubahlula kwethu kwiMTN 8 sekuwumlando manje, esesikubhekile ukudlala nabo kulo mdlalo weligi ohlukile kunowomkhumulajezi esiwudlale nabo kowamanqamu. Sike sadlala nabo eKapa siyazi ukuthi kunzima kanjani ukubhekana nabo uma bedlalela ekhaya, bakukhombisile lokho nangenkathi besinika umdlalo onzima emdlalweni wamanqamu weMTN 8,” kusho uMngqithi.
Uthi ikhefu leFifa libasizile njengoba abanye abadlali babo abebethintekile oRivaldo Cotzee noKhuliso Mudau, sebeluleme ngaphambi kwalo mdlalo.
IDowns esazihola phambili kwilog yePremiership, iza kulo mdlalo nje ithelwe ngezibonkolo emuva kokunenebula iMarumo Gallants ngo 4-0 kowePremiership, kungakapholi maseko iqukule indebe yeMTN 8.
Kanti ngakolunye uhlangothi ezika-Eric Tinkler, ziza kulo mdlalo nje zisazikhotha amanxeba ngemuva kokushaywa ngaMaZulu FC ngo 2-0 ngaphambi kwekhefu leFifa.
Eminye imidlalo yeDStv Premiership:
Namuhla:
Golden Arrows v Orlando Pirates (Princess Magogo Stadium, 3.30pm); Stellenbosch FC v AmaZulu (Danie Craven); Supersport United v Marumo Gallants (Lucas Moripe Stadium, 5pm); Baroka FC v Chippa United (Peter Mokaba Stadium, 5pm); Cape Town City v Mamelodi Sundowns (Cape Town Stadium, 5.30pm); Sekhukhune United v Royal AM (Ellis Park, 5.30pm)
Kusasa:
TS Galaxy v Swallows (Mbombela Stadium, 3.30pm); Maritzburg United v Kaizer Chiefs (Harry Gwala Stadium, 5.30pm)