UMDLALI weKaizer Chiefs uLebohang Manyama usephefumulile ngodaba oluthinta uKhama Billiat omataniswa neMamelodi Sundowns. UBilliat (29) ufike eqenjini leChiefs ekuqaleni kwesizini ephelile ngemuva kokuphelelwa yinkontileka kwiSundowns abenqobe nayo isicoco seligi.
UBilliat ubengakadlali selokhu kuqale iligi, okuyinto esithuse abalandeli beChiefs njengoba sekuqubuke imibiko yokuthi iSundowns ihlongoza ukumthenga ngemali elinganiselwa ku-R15 million, ngaphambi kokuvalwa kwewindi lokudayiselana abadlali.
UManyama, oseshaye amagoli amabili kule sizini uphawule ngendlela iqembu elizizwa ngayo ngodaba lukaBilliat ngenkathi ekhuluma nabezindaba.
“UKhama Billiat ungumuntu omdala. Ungomunye wabadlali abaseqophelweni eliphezulu kwiPSL. Kusengenzeka ukuthi onyakeni olandelayo amataniswe namanye amaqembu, yinto eyenzeka kubo bonke abadlali abasezingeni eliphakeme, “ kuchaza uManyama ecashunwa yiKickoff,
“Ukhona uBilliat. Usebenza kanzima kanye neqembu, akagxilile ezindabeni ezimkhomba kwiSundowns. Sihlezi sibhekile ukuthi abadlali abasezingeni lakhe bamataniswe namanye amaqembu iminyaka ilandelana. Siyameseka ngayo yonke indlela ukuze ezogqugquzeleka emsebenzini wakhe futhi abuye ezokweseka iqembu. Siyamdinga uKhama. Uba ngumdlali obalulekile kunoma iliphi iqembu alidlalelayo” kusho yena.
UBilliat ushaye amagoli angu-9 waphinde waphakela abanye abadlali amabhola angu-10 ngesizini edlule okumenze waba yintandokazi kubalandeli beqembu. IChiefs ikhiphe isitatimende emasontweni adlule igcizelela ukuthi amaqembu agaqele uBilliat awakhohlwe ngoba akayindawo.
Lesi sikhwishikhwishi somdlali okubikwa ukuthi siphuthelwe yimidlalo ngenxa yokulimala kancane, kulindeleke ukuthi sibuye emdlalweni weligi lapho Amakhosi ezobhekana neSuperSport eFNB Stadium ngoMgqibelo.