UMSHAYISIBHAKELA waKwaZulu-Natal * -Innocent Mantengu uzobhekana noTapiwa “Shot Gun” Tembo waseZimbabwe ngoMeyi 25
KUBUYE ithemba ngebhande le-IBF Continental Super Bantamweight eliphethwe * -Innocent “Tycoon” Mantengu (osesithombeni) ngesikhathi uMnyango wezeMidlalo KwaZulu-Natal uthembisa ngokuxhasa impi okumele avikele kuyo isicoco.

Emasontweni amabili edlule kube nokukhulu ukwesaba ukuthi inhlangano ye-IBF izomephuca isicoco lo mshayisibhakela odabuka eMtubatuba, kulandela ukuthi elwele ibhande lakuleli leSuper Bantamweight elingaphethwe muntu.

Sekungumlando ukuthi kayikho efune ukugoba uphondo phakathi kwakhe noThato Bonokoane waseGoli.

Obekushayisa ngovalo lokuthi uMantengu angase aphucwe i-IBF, ukuthi izinhlangano ezinkulu kazifuni ompetha bazo balwele ibhande elingaphansi kwazo ngokuhlonishwa. Lokhu zikuthatha njengokwehliswa isithunzi.

Nokho Isolezwe lithole ukuthi ngemuva kokuba leli bhokisa lilwe noBonokoane sezintathu izincwadi ezibhalwe uThulani “Sir” Magudulela weLudonga Promotions, eqhatha izimpi zikaMantengu, ecela inhlangano i-IBF ukuthi ingamephuci ibhande.

Kuthiwa i-IBF isiyiphendulile eyokuqala kanti kuvela ukuthi le nhlangano izwakala ifuna ukumnika elinye ithuba uMantengu.

Leli phephandaba lithole ukuthi sesikhona nesitha uMantengu azovikela kuso isicoco. Igama laso uTapiwa “Shot Gun” Tembo waseZimbabwe. Impi yalaba izoba ngoMeyi 25, ehholo laKwaNongoma.

Kuthintwa uMagudulela uthe i-IBF imphendulile yase imnika ithuba lo mshayisibhakela.

“Siyichazelile ngezizathu ezenze uMantengu wagcina eselwela ibhande lakuleli. Sithe bekuyimpi yokuzifudumeza njengoba bese kuphele isikhathi eside agcina ukungena eringini. Ngiphinde ngaqinisekisa kule nhlangano ngosuku nendawo uMantengu azolwa ngalo,” kubeka uMagudulela.

UBongi Moloi-Sithole onguNgqongqoshe Wezemidlalo utshele Isolezwe ukuthi bamatasa bazama ngawo wonke amandla ukuthi uMantengu angaphucwa lesi sicoco.

“Nakuba ngingeke ngidalule okuningi kodwa kukhona ithimba lami eliphezu kwakho ukulekelela. Impela kungaba yihlazo ukuthi umshayisibhakela waKwaZul-Natal aphucwe ibhande sibe sikhona siwumnyango,” kubeka uSithole-Moloi.

Empeleni uMantengu lesi sicoco asithathe eshaya uDoctor Nsele ngoMeyi wanyakenye, kumele ukube kade asivikela. Uxhaso kubukeka kuyilona obeluyinkinga.