UNOZINTI weBafana Bafana u-Itumeleng Khune uzongena emlandweni namuhla uma eseqala umdlalo weBafana Bafana neSychelles wokuhlungela i-2019 Africa Cup of Nations (Afcon).
Umdlalo ungo-3.30 CAT (isikhathi saseMzansi) eStade Linite.
UKhune (31), uzongena emlandweni ngokuba ngumdlali wesibili onemidlalo eminingi kwiBafana Bafana.
Umdlalo wakhe wanamuhla ngoka-90 kanti uzolandela u-Aaron Mokoena, obengukaputeni wesikwati isikhathi eside waze washiya esenemidlalo engu-107.
UKhune, oqale ukudlalela iBafana ngo-2008, ubebambene nenkakha ye-2010 Fifa World Cup, uSiphiwe Tshabala emidlalweni engu-89.
Uma iBafana inqoba namuhla izoshoda ngephuzu elilodwa ukuzibekisela indawo kwi-Afcon.
Abaqalayo namuhla: