UMQEQESHI weqembu lesizwe iBafana Bafana ukhale ngokuqala ngebatha kweqembu lakhe nokuholele ekutheni elaseNigeria lenyukelwe ukuzethemba ligcine libengamele nokuholele ekutheni ligcine libehlule ngo 2-1 emdlalweni wama-quarter final, womqhudelwano i-Afcon, obuseCairo Stadium, eGibhithe ngoLwesithathu ebusuku.
Ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo uthe: "Uma ungumqeqeshi awulindeli ukuthi iqembu lakho linqobe ngaso sonke isikhathi. Uma ungumqeqeshi onjalo akufanele ube semdlalweni kanobhutshuzwayo. Asidlalanga kahle ngesiwombe sokuqala nakuba besiba nazo iziwombe labo besiba yingozi khona. Asizange sibavimbezele ezindaweni obekumele ngabe senze njalo kuzona. Lokhu kuholele ekutheni bagcine benyukelwe ukuzethemba bawulawula umdlalo."
"Ngesiwombe sesibili sikwazile ukudlala ngendlela ebesifisa ngayo nokwenze sathola igoli lokulinganisa. Sekuzophela umdlalo sibe neshwa ngokuthi bathole igoli lesibili, nesingathandi ukukhuluma ngalo,"kubeka uBaxter," kuqhuba uBaxter.