‘KUYISIFISO sanoma yimuphi umqeqeshi ukunqoba noma iyiphi indebe lapho ehamba khona ngakho nakimi yinto efanayo njengoba ngisesigabeni sesithathu sonkontileka yami nekungesokugcina engasenza naMaZulu.”
Lawa ngamazwi omqeqeshi waMaZulu FC, uCavin Johnson, ngesikhathi ekhuluma neSolezwe ngeSonto ngendlela amalungiselelo esizini ezoqala, ahamba ngayo nokuthi abazange babe bade emakethe ngokusayina abadlali abasha.
“Kuze kube yimanje konke kuhamba kahle ngokwamalungiselelo esizini ezoqala.
“Abadlali babukeka bengena kahle emgqeni njengoba sibalolongela ukuqala kwesizini.
“Thina asizange sisayinise kakhulu ngoba sikholelwa ekutheni laba abadlali esinabo bazokwazi ukusibeka lapho sifisa khona ngenxa yokuthi bazobe sebekwisizini yesithathu bedlala ndawonye,”kuchaza uJohnson.
“Njengoba nami sengikwisizini yesithathu kuyisifiso sanoma yimuphi umqeqeshi ukunqoba isicoco lapho ehamba khona, okuyinto engahlukile nakimi.” Uqhube wathi angajabula naye kube khona akubekayo kuMaZulu nengicabanga ngaphambi kokuthi kuphele isigaba sesithathu kwinkontileka yakhe.
“Ngicabanga ukuthi kungenzeka lokho kube khona esikuhlomulayo ngale sizini. Uma ubheka ngesizini esiqale ngayo ukudlala kwiPremiership siphuma kwiNational First Division (NFD) sakwazi ukuqeda kwiTop 8.
“Ngenxa yodaba olwaluthina i-Ajax (CapeTown) kwaba yisimo esasingenawo amandla okusilawula, ngale yondlela asangakwazi ukudlala kulo mqhudelwano. Ngokunjalo nangesizini edlule saqala ngomgqigqo omuhle kodwa nakhona sehlelwa umshophi esingeke silokhu sikhuluma ngawo,”kubeka uJohnson.
Ebuzwa ngabadlali abathathu ebebedlala eqenjini leMDC (Multichoice Diski Challenge) abakhushulelwe esigabeni esikhulu uthe babukeka beqhuba kahle.
“Yikho nje, ukuthi basebancane ngakho kufanele bakhuliswe kahle kodwa ngokwenzeka kwezinto bazoba abadlali abasezingeni eliphezulu esikhathini esizayo,”kusho uJohnson.
La badlali ngoNtuthuko Madela odlala emuva kwesokunxele lapho ezobanga khona ijezi noSbusiso Mabiliso, Sbusiso Maluleke odlala emuva phakathi nendawo noSandile Khumalo naye odlala emuva. UMaluleke noKhumalo yibona badlali abebe ukhonkolo emuva eqenjini leMDC ngaphansi komqeqeshi walo * -Ayanda “Cobra” Dlamini.
UMadela uqale ukudlala esigabeni esikhulu ngomdlalo wokugcina neBloemfontein Celtic, eSisa Dukashe.