KUKHONA okungamphethe kahle ngabadlali bakuleli nokuchizela ukuya phesheya kwezilwandle, umqeqeshi weBafana Bafana, uStuart Baxter okuzokuthi namuhla amemezele isikwati sakhe azoya naso eZambia ngoMashi 18-27.
Lapha iBafana iya emqhudelwaneni okukhona kuwona iZambia, Angola neZimbabwe. UBaxter ubengawufuni umqhudelwano kodwa iSafa yamphoqa ukuba aye kuwo esikhundleni sokubhekisa amabombo eThailand lapho iBafana ibimenywe khona kwiKing’s Cup okukhona kuyona i-United Arab Emirates, Slovakia nezwe elisengethe.
NgokukaBaxter umqhudelwano oseThailand yiwona obuzomsiza ngokushesha ngoba unesifiso sokuthi abadlali bakuleli ikakhulukazi abancane bakujwayele ukubhekana nezitayela ezehlukene emhlabeni. Nokho akwenzekanga lokhu yingakho ezobe ememezela isikwati esiya eZambia. Lesi simemezelo sisezindlini zeSafa namuhla ngo-11 ekuseni.
Ekhuluma ngezinhlelo anazo ngeBafana ngeledlule, uBaxter, ukhale kakhulu ngokunethezeka kwabadlali uma sebefike esigabeni esikhulu.
“Ngeke kwaphikwa ukuthi i-PSL isikhule kakhulu kusukela umuntu efikile ezweni ngo-2004. Kuyiqiniso futhi ukuthi iyaqhubeka nokukhula nokudlondlobala. Okubi nje ngalokhu wukuthi abadlali bethu uma sebekwi-PSL babona ukuthi sekuphelile kanti lokhu akulona iqiniso. Eminyakeni edlule bekungenele kubadlali ukufika kwi-PSL kepha bebewafuna amadlelo aluhlaza. Lokhu sekushintshile muva nje. “Impilo vele injalo kufanele uzinze lapho uthola khona okufunayo kodwa ibhola lihlukile kunempilo ejwayelekile. Akungihleli kahle lokhu kodwa nginethemba lokuthi sizogcina sifikile lapho sibheke khona. Isifiso sami ukuthi sizijwayeze ukuhlale njalo sifuna okukhulu. Lokhu kungumsebenzi wethu sonke esizibiza ngabathandi bebhola kuleli,” kusho uBaxter.
Kuyihlazo khona ukuthi abadlali abebedume kakhulu ngesikhathi seNdebe yoMhlaba ngo-2010 esingabala kubona * -Itumeleng Khune noSiphiwe Tshabalala bobabili beKaizer Chiefs, Teko Modise weCape Town City noReneilwe Letsholonyane weSuperSport United abakaze balubhade phesheya.