UKAPUTENI weSuperSport United uDean Furman umethulele isigqoko umdlali wabo omusha uGhampani Lungu athi ushaye into ecokeme edlaliswa indawo angayijwayele behlula i-Orlando Pirates koweMTN 8 ngempelasonto.
ULungu (19) uboshelwe kwesokudla emuva kuchitshiyelwa ngaye ngenxa yokulimala kwabadlali abayibamba kule ndawo.
Lo mdlali othengwe kwiPower Dynamos yaseZambia, uwudlale waze wawuqeda umdlalo egijima kulayini, evimba nezitha ungafunga ukuthi unesipiliyoni kuyona.
I-United ingene kwiMTN 8 ngokugixabezwa amaphuzu nguWilliam Mokhari owayengumehluleli weSafa ecaleni likaTendai Ndoro ne-Ajax Cape Town. Isuke endaweni yesishiyagalolunye yayohlala kweyesikhombisa, igudluza AmaZulu FC kwiTop 8.
Ngemuva komdlalo uFurman, ongomunye wabashayele i-United igoli kulo mdlalo, uhalalisele uLungu ngokuzimisela kwakhe. Umdlalo ubuphele ngo 2-2 kodwa umakhonya wacaca kumaphenathi kudlula iqembu lasePitoli ngo 4-3.
“Sisebenze kanzima ikakhulukazi emuva. Ngithanda ukubalula umdlali wethu wakwesokudla ufike wasivala isikhala njengoba besinenkinga kule ndawo. Ube nomdlalo omuhle kakhulu. Kusukela kuyena kuya kuwona wonke umdlali kusetshenziwe. Ngiyajabula ngokuthi sidlulele emzuliswaneni olandelayo ukuze siqhubeke nokulwela ukuvikela indebe yethu,” kusho uFurman ogoduke no-R8000 wokuba ngumdlali ovelele.
Uthe kusemqoka ukuthi bakhele kulo mphumela ukubheka phambili.
Ngaphambi kokubhekana nePirates bebeshaye AmaZulu FC ngo 1-0 kowe-Absa Premiership. Iligi bayivule ngenduku behlulwa yiCape Town City ngo 2-0 ekuhambeni.
“Sibe naso isikhathi sokuphumula. Uyabona abadlali balambile futhi bazimisele ngokulwa. Okuhle ngalo mdlalo wukuthi nathi besiyingozi uma sihlasela. Yebo kusekuningi okumele sikulungise kodwa kubalulekile ukuthi siqhubeke ngale ndlela,” kusho uFurman.
Umqeqeshi wakhe uKaitano Tembo naye umshayele ihlombe uLungu.
“Kuningi esisazokubona kuyena. Ungumdlali waphambili futhi wenze kahle kakhulu ngemuva kokulinyalelwa uGrant Kekana. Bengazi ukuthi uzolisebenzisa ithuba noma ngabe udlala kuphi. Ngethemba ukuthi uzoqhubeka uma esedlala endaweni yakhe njengoba simlandele ukuthi asisize ekushayeni amagoli,” kusho uTembo.
NgoMgqibelo i-United izobhekana neBidvest Wits koweligi eBidvest Stadium ngo-8.15 ebusuku.