UNOZINTI weMamelodi Sundowns, uReyaad Pieterse, ugwema ukuzifakela ingcindezi yokudla ijezi eseliphathwe wuDenis Onyango iminyaka eminingi.
UPieterse ujoyine iSundowns ekuqaleni kwesizini emuva kokushiya iSuperSport United elizwa ngendaba ijezi. Uhluleke wancama ukudla ijezi kuRonwen Williams ngaphansi kwabaqeqeshi abahlukene. UPieterse ungomunye wonozinti abagcine beshiye iKaizer Chiefs ngenxa yokuhluleka ukugudluza u-Itumeleng Khune ongunozinti wokuqina weBafana Bafana.
KwiSundowns usembangweni wejezi no-Onyango oqokwe njengonozinti ohamba phambili e-Afrika ngesikhathi leli qembu liwina iCAF Champions League ngo-2016. Ngaphandle kuka-Onyango, uReyaad kufanele agudluze uKennedy Mwenee owine indebe ye-Africa Cup of Nations neZambia ngo-2012 noThela Ngobeni ophila impilo yokubolekiswa.
Ekuqaleni kwesizini kujokole uRazak Brimah waseGhana ekhala ngakho ukuphendulwa isibukeli eChloorkop athe kumlahlekisela ngendawo eqenjini lesizwe ayibanga noRichard Ofori weMaritzburg United.
UPieterse ungenelwe amagoli amathathu ngesikhathi iSundowns idlala ngokulingana ngo 3-3 naMaZulu emdlalweni we-Absa Premiership emasontweni edlule. Uthe nakuba esemdala u-Onyango (33) noMweene (33) kodwa ufuna ukufunda kubona kunokusebenzela ukubagudluza.
“Umqeqeshi uyangethemba. Emdlalweni sibhekene naMaZulu angenzanga kahle kangako kodwa wangeseka, wathembela kimina, wangivimbisa kowe-Arrows. Lokhu kusho lukhulu ngomqeqeshi neqembu ngokuthi bazimisele ukunginika ithuba lokubuyisa isithunzi ngikhombise ikhono lami,” kusho uPieterse.
“Ngingayibheka iminyaka yabo kodwa futhi kufanele ukhumbule ukuthi onozinti bavuthwa ngokukhula kwabo. Okwamanje basenza kahle, ngeke ngisho ukuthi ngisenesikhathi kodwa kufanele ngibukele kubona ngifunde ngifinyelele ezingeni labo. Ekugcineni umbango wumbango, kungaba unobulungiswa noma cha. Ngiyakwazi okufanele ngikwenze. Kufanele ngilamukele iqiniso. Kwesinye isikhathi kufanele usebenze kanzima, kunobulungiswa noma bungekho, kufanele ujuluke. Ngiyakholwa wukuthi ithuba lami lizofika. Ekugcineni uma umqeqeshi ekholelwa kuwena kumele ufunde ukhule.”
ISundowns izolo iziqeqeshe ngaphandle kuka-Onyango, Phakamani Mahlambi no-Anthony Laffor abathintekile. Umqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane, kungenzeka aphinde athembele kuPieterse uma ezakhe sezibhekene neBaroka FC emdlalweni we-quaterfinal yeTelkom Knockout ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane kusasa ngo-3 ntambama. AmaBrazilians adlulele kulesi sigaba emuva kokwehlula iBloemfontein Celtic. IBaroka ikhiphe iLamontville Golden Arrows.
“Sizilungiselele kahle. Sithole ikhefu ngoMsombuluko ukuze sibuyise amandla emuva komdlalo onzima neChippa. Siyihlaziyile ivideo ukuze sithole ukuthi iBaroka idlala kanjani. Sibheke ukuqhubekela emzuliswaneni olandelayo. Siwubheke ngabomvu umdlalo,” kusho uReyaad.
“Bayiqembu elinzima, yingakho besemzuliswaneni olandelayo. Ngeke kube lula, siyakwazi lokho. Kufanele sidlalele isithunzi. Kodwa kufanele silwele ukudlulela phambili.”