UBONGMUSA Mthembu noNkosinathi Duma kulindeleke baficwe yiMaritzburg Marathon ngoFebhuwari 24 besesimweni esihle sokuqopha izikhathi ezisheshayo ezizokwenza bakwazi ukugijima kwi-Old Mutual Two Oceans Ultra Marathon (56km)nakwiComrades Marathon.
Ngokusho komphathi kaMthembu noDuma kwi-Arthur Ford Club, uSibusiso Ncamani, laba bagijimi basesimweni esihle sokuqhubeka nokushaya into ecokeme nakulo nyaka.
IComrades Marathon yanonyaka ingoJuni 9 kanti izobe isuka eCity Hall, eThekwini iyophelela eScottsville Racecourse eMgungundlovu.
I-Two Oceans Marathon okwakhonya kuyo abagijimi beNedbank Running Club ingo-Ephreli 20, eKapa.
“UNkosinathi Duma wenza kahle kakhulu, simhlelela ukuthi akwazi ukuyojima ePrime, eMoses Mabhida, ngikholwa wukuthi kuzomsiza,” kusho uNcamani.
“Into esiyibheke kakhulu ukuqopha izikhathi ezizo-babekisela indawo kwiComrades Marathon. Amalungiselelo ahamba kahle. Asikabi nazingqinamba.”
Uthi uthemba ukuthi uMthembu uzoqhubeka nokukhonya.
“Yini engamvimba ukuthi aqhubeke nokunqoba njengoba eseyinqoba kathathu iComrades Marathon. Osekubalulekile ukuthi silwe nokucija umqondo wakhe.”
Nyakenye uMthembu (osesithombeni) izinto zimhambele kahle ebuya nendondo yethusi kwi-IAU World 100km Championships eyayiseSveti, eCroatia.
UDuma owayeqala ukugijimi ezingeni lomhlaba waba ngunombolo 22 kanti uzakwabo uThuso Mosiea waba ngunombolo 14.
UNcamani uthi babheke ukufaka ukushisa ngoNdumiso Sokhela owangena endaweni yeshumi kwiNelson Mandela Marathon.
Elinye iqembu elibhekiwe ukuthi liqhubeke nokwenza kahle iNedbank Running Club okukhona kuyo uFikile Mbuthuma.
UMbuthuma wayeseqenjini elalimele iNingizimu Afrika kwi-IAU World 100km Championships.