USIHLALO weChippa United uSiviwe “Chippa” Mpengesi, ulibeka ngembaba elokuthi angamane alahlekelwe yikhona konke kunokuba ahlale asonge izandla abukele leli qembu lishabalala ngaphansi kobuholi bakhe futhi ngeke axolisa ngokuxosha abaqeqeshi ngendlela enza ngayo.
UMpengesi ukusho lokhu ohlelweni lwezemidlalo kuMhlobo Wenene FM, ngoLwesine ekuseni ngesikhathi eqinisekisa izindaba zokuxosha kwakhe obengumqeqeshi uJoel Masutha kanjalo nokuqashwa kukaClinton Larsen osanda kwehlukana neLamontville Golden Arrows.
UMasutha ukhonjwe indlela ngemuva kokuthi abafana beChillie Boys bedliwe yi-Orlando Pirates ngo 4-2 ngoLwesibili ebusuku.
Umdlalo wokuqala kaLarsen kulindeleke ukuthi kube yilowo abazowudlala neMaritzburg United nayo egqolozelwe yizembe, eNelson Mandela Bay Stadium, ngoMgqibelo ozayo.
“IChippa United yilona qembu esinalo e-Eastern Cape elidlala kwiPremier Soccer League.
"Ngakho ngeke kube kuhle uma lingase lishabalale.
"Ngaleyondlela ngiyokwenza ngakho konke okusemandleni ami ukuqinisekisa ngokuthi ngiyalivikela,” kubeka uMpengesi.
Uthi uMasutha ubengeyena umqeqeshi ngokugcwele njengoba bengazange bamethula ngokusemthethweni njengokujwayelekile uma kuqashwa umqeqeshi.
“UMasutha ungumqeqeshi osemncane futhi onekusasa eliqhakazile kodwa akanawo amava asengamenza ukuthi asebenze ngokugcwele kule sigaba.
"Yingakho ngikuqinisekisa ukuqashwa kukaClinton Larsen endaweni yakhe,” kusho uMpengesi.
Ebuzwa ukuthi kungabe yini lena eyenze waqoka uLarsen ekubeni esanda kukhulula * -Eric Tinkler osezingeni elifanayo naye, uthe: "Ungumuntu onothando lokuthuthukisa abadlali abancane.
"Lokho kufakazelwe yimpumelelo yamasizini amabili iqembu leMDC lidla umhlanganiso.
“Njengoba nathi sinombono wokuthi iChippa kufanele ivumbulule amakhono kuyona yonke i-Eastern Cape.
“Ngakho sidinga umqeqeshi onjengoLarsen ozokwazi ukunikeza abadlali abancane ithuba."
Uqhuba uthi okunye okumenza asintshe abaqeqeshi ngale ndlela yingoba ngeke aqhubeke nokugcina umqeqeshi onhliziyo yakhe ingasekho kwiChippa.
“Ngeke ngimgcine ekubeni ngimbona ukuthi umphefumulo wakhe awusekho kwiChippa ngoba ngifuna umuntu onothando lokwenza umsebenzi wakhe,” usho kanje uMpengesi.
Ebuzwa ukuthi ngabe uLarsen kuzophela isizini esekhona kuleliqembu uthe uzomthandazisa kulokho ukuze ayiqede.