UBUTHAPHUTHAPHU bamathikithi e #SowetoDerby ezodlalelwa eThekwini ngoNovemba 24 bukhomba ukuthi kukhona abangasakwazi ngisho nokulinda Isithombe: BACKPAGEPIX
KUTHATHE amahora ambalwa kuphela ukuba kuqale kusabalale imibiko ethi awasekho amathikithi omdlalo womkhaya baseSoweto, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.

La maqembu azotholana phezulu kwi-semi final yokuqala te-2018 Telkom Knockout emdlalweni oseMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoNovemba 24.

Uzoqala ngo-3 ntambama.

Kwi-semi final yesibili kuzotholana iBaroka FC neMamelodi Sundowns ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane ngeSonto ntambama.

IPSL ibike ngoLwesine ebusuku ukuthi umdlalo uyiswa eMoses Mabhida.

  Bekuvelee kunegidigidi kusukela la maqembu eqhathiwe ngo-Okthoba 28.

Okwenze lalikhulu kakhulu igidigidi ngalo mdlalo wukuthi abalandeli beChiefs balangazelela ukuphindisela kwabePirates esanda kubathela u 2-1 emdlalweni we-Absa Premiership.