KWENZEKE okungajwayelekile ngesikhathi umdlali weBafana Bafana ongajwayele ukubalwa ekubhakuzisweni kwenethi, uKamohelo Mokotjo, eba yiqhawe leBrentford edlala kwiChampionship yase-England eyishayela amagoli amabili inqoba oweligi kwiRotherham.
Bekungokuka-11 uMokotjo eqala umdlalo kwiBrentford njengoba ebeshaya amagoli akhe okuqala ngqa kule sizini esisesigabeni sayo sesibili. UMokotjo uqokwe njengomdlali ovelele kwazise ubesiza iqembu lakhe ukuthi lingahlulwa emdlalweni wesikhombisa kulandelana.
Nakuba kuke kwajatshulwa ngokubuya kukaKeagan Dolly, ngempelasonto kuvele ukuthi usephinde wathinteka kodwa akukubi kangako. Ubewubuka owezakhe iMontpellier ibambana ngo 0-0 neRennes okubashiya endaweni yesithupha kwi-log ngemuva kwemidlalo engu-20 yeligi.
Omunye umdlali weBafana owuqale kahle unyaka eFrance nguLebo Mothiba. Ukhuhle ibhentshi kwaze kwaba umdlalo uyaphela kodwa iqembu lakhe kufanele ukuthi limjabulisile ngoba linqobe ngo 5-1 kwi-AS Monaco eqeqeshwa uqweqwe lomgadli waseFrance uThiery Henry.
Uhlangabezane nezimbila zithutha uLebohang Phiri owudlale wonke oweGuingamp benenebulwa yiPSG ngo 9-0. Imbangela yalokhu wukuthi iPSG ifike kulo mdlalo ifuthelana kwazise ngenyanga edlule ikhishwe yilona leli qembu likaPhiri kwiCoupe de la Ligue.
EzikaPhiri izona ezibambe ibhuleki eligini enkulu yaseFrance ngemuva kwemidlalo engu-21.
ENetherlands, uThulani “Cream” Serero uwudlale wonke (obekungowokuqala kulo nyaka) wasiza iqembu lakhe iVitesse linqoba ngo 3-2 kwi-Excelsior okubashiya besendaweni yesine kwi-log emidlalweni engu-18. Kwenzeka konke lokhu nje, uPercy Tau oke waba nenkinga namaphepha amgunyaza ukuthi asebenze e-Europe ubuye kwazwakala esiza iqembu lakhe elidlala esigabeni esiphakela esikhulu eBelgium, iGilloise linqoba kwiLeuven ngo 2-1. Lo mphumela ubashiye besendaweni yesithathu kwi-log.
Uhlale ebhentshini kwaze kwaba uyaphela owe-Erzurumspor uSiphiwe Tshabalala emdlalweni waleli qembu wokuqala wonyaka. Bashaywe yiKonyaspor ngo 2-1 okubashiya bejeqeza kwazise bakunombolo 16 kwiligi enamaqembu angu-18.