INSEPHE yaseNigeria, u-Augustin “Jay Jay” Okocha, ayikugqizi qakala ukugxekwa kukanozinti wangakubo uDaniel Akpeyi onuka iqaqa kubalandeli beKaizer Chiefs.
U-Akpeyi ujoyine iChiefs isigubhukane maphakathi nesizini edlule kulandela inkinga ebhekane nayo ezintini emuva kokulimala kuka-Itumeleng Khune nokushaya udaka kukaVirgil Vries waseNamibia. Nokho naye ufike azangamvuma izinto eNaturena kwazise ungenelwe amagoli ashiye abalandeli bekhala kwaphetha ngokuthi iChiefs iqede isizini ka-2018/2019 ngaphandle kwe-Top 8. Abalandeli beChiefs abayingeni eyokumvotela u-Akpeyi esikimini esizoqala umdlalo kwiCarling Black Label Cup Amakhosi azowudlala ne-Orlando Pirates eFNB Stadium ngoJulayi 27. Nakuba kunjalo kodwa u-Akpeyi nguyena ovimbela iNigeria emqhudelwaneni i-Africa Cup of Nations (Afcon) eqhubekayo e-Egypt. Usengenelwe amagoli amane emidlalweni emine.
U-Okocha ubekade ekhuluma emcimbini wokugqugquzela abalandeli ngeCarling Black Label Cup eNike Centre, eSoweto, izolo.
“Thina asinandaba nemibono yenu ngo-Akpeyi nokuthi wenza kahle kanjani eNingizimu Afrika. Kodwa siyajabula ukuthi udlala lapha ngoba iligi yaseNingizimu Afrika ngokwethu ingenye yaphambili e-Afrika. Siyajabula ukuthi nimnike indawo yokuthi athuthuke. Ngicabanga ukuthi uyakhula,” kusho u-Okocha.
“Uma ufika eqenjini lesizwe kuhluke kakhulu. Ngokwami kumfanele ukuvimbela iqembu lesizwe okwamanje. Ngokudlala imidlalo kuzonyuka ukuzethemba abengcono. Angimahluleli ngendlela adlala ngayo lapha eNingizimu Afrika kodwa ngakwenza eqenjini lesizwe.”
Eqenjini lesizwe laseNigeria, u-Akpeyi, ungene endaweni kaVictor Enyeama obekade esevimbe iminyaka. Kulindeleke ukuthi u-Akpeyi abhekane nabadlali adlala nabo kwi-Absa Premiership uma iBafana Bafana isidlala neNigeria kuma-quarter final e-Afcon e-Egypt kusasa. U-Okocha wayekhona ngesikhathi iSuper Eagles ihlula iBafana ngo 2-0 kwi-Afcon yango-2000 eNigeria.
“Ungaqhamuka neqhinga njengomqeqeshi kodwa uma unabadlali abangazimisele uzothwala kanzima. Kuzoya ngemiqondo yabadlali ngosuku lomdlalo nokuthi bayafuna yini ukuwina. Iqembu elifuna ngempela lizowina,” kusho u-Okocha.