KUBUKEKA ezongena ngaphansi kwenkulu ingcindezi umqeqeshi weChelsea, uMaurizio Sarri, ngemuva kokuthi umdlali wakhe osemncane uCallum Hudson-Odoi, ebizelwe eqenjini lesizwe lase-England, nguGareth Southgate ongumqeqeshi weqembu lesizwe sase-England.
UMaurizio, ubengakaze lo mdlali amqalise umdlalo yize kule angena kuyona njengochibiyelayo ugila izimanga. Lo mdlali selokhu kuqale isizini usadlale imizuzu ewu-119 kuphela.
Le midlalo abizelwe kuyona ngeyokuhlungela imidlalo ye-Euro 2020 neCzech Republic neMontenegro.
Emdlalweni neCzech Republic obuseWembley Stadium,eLondon ngoLwesihlanu ebusuku ungene ngesiwombe sesibili endaweni kaRhahim Sterling obeseshaya amagoli amathathu kwamahlanu abanqobe ngawo.
Ephawula ngokubizwa kwakhe kwiChelsea website * -Odoi uthe: “Kube sengathi ngiyahlanya kodwa ukubizelwa eqenini lesizwe okokuqala kuyinjabulo engachazeki.”
“Bengicabanga ukuthi imenenja yeqembu lesizwe (uBoothroyd) ibizintelela. Kwaphela nasozwaneni ngesikhathi ngizwa kuthiwa kuzofanele ngiyohlangana nabanye abadlali, angizange ngikholwe. Ngijabujle kakhulu ngoba kufezeka iphupho lami. Manje yisikhathi sokuthi ngisebenze ngokuzikhandla kunakuqala.”
UHudson-Odoi (18), udlala ezinhlangothini okwenzena abange ijezi noPedro noWillian okungabadlali uSari athembele kubona ngenxa yamava ayizintwala abanawo.
Ujoyine iChelsea ngo 2007 edlala ezinkulisa nokuthe ngo-2016 wakhushulelwa esigabeni sabadlali abaneminyaka engaphansi kwewu-18.
Edlala kule sigaba ushaye amagoli awu-8 emidlalweni ewu-25.
Ubengumdlalo ogqamile eqenjini labadlali abancane ngesizini ka-2016/17
Ubambe elikhulu iqhaza ngesikhathi leli qembu lenjenjane linqoba izindebe ezintathu okuhlanganisa namagoli awashaye kwisemi-final nefinal emqhudelwaneni iFA Youth Cup.
Nakuba ebesengumfundi esikoleni kodwa ukwazile ukugqobhoza wamela izwelakhe eqenjini labadlali abaneminyaka engaphansi kwewu-17 kwi-European Championship.
Washaya igoli emdlalweni wamanqamu abagcne beshaywe kuwona yiSpain.
Uphinde uphinde wadlala emqhudelwaneni we-Under 17 World Cup nokuyilapho ababuyisa izinduku beshaya iSpain ngo 5-2 kowamanqamu.
NgoJanuwari 2018, udlale umdlalo wakhe wokuqala eqenjini elikhulu leChelsea ngesikhathi bebhekene neNewcastle emdlalweni weFA Cup abawunqobayo engena njengomdlali ochibiyelayo.
Ngemuva kokuthi ehlabe umxhwele ithimba labaqeqeshi ngesikhathi sokulungiselela ukuqala kwesizini entsha ngo-2018, okuhlanganisa nomdlalo aqala kuwona kwiCommunity Shield
bebhe-kene neMan-chester City, yilaho uSarri aqinisekisa khona ngokuthi uzokuba yingxenye yeqembu lakhe ngale sizini.
Lo mdlali uzalelwe eLondon Borough of Wandsworth, e-United Kingdom.
Uyindodana yowaye-ngumdlali wase siswini kwi-Hearts of Oak, yaseGhana uBismark OdoI .