UMDLALI weMaritzburg United, uMiguel Timm, usifanisa nesihogo isimo ababhekene naso njengoba belwela ukuphunyuka ezembeni kwi-Absa Premiership.
UTimm ufike kwiTeam of Choice ngoJanuwari esuka kwiChippa United lapho ekade ekhona nomqeqeshi * -Eric Tinkler.
Ngemuva kokuhamba kukaTinkler kwiChilli Boys, uTimm ube esededelwa kuthiwa akasadingeki.
ITeam of Choice ihleli emsileni kwi-log ngamaphuzu awu-17. Izodlala neKaizer Chiefs kusasa eFNB Stadium ngo-6 ntambama emdlalweni okumele nakanjani ithole amaphuzu agcwele uma izimisele ngokuxina amaqembu angaphezulu kwayo kwi-log.
Ihlukaniswe amaphuzu amathathu neChippa United enamaphuzu awu-20.
Izoza emdlalweni iphuma ekushayeni AmaZulu FC ngo 2-1 kowabakhaya ngempelasonto edlule.
“Ngisanda kubona isisho esithi uma ubhekene nesihogo kumele ungadikibali kodwa uphikelele phambili. Yilowo mqondo esinawo,” kusho uTimm.
“Akekho umuntu owake wazuza okuthile ngaphandle kokukholwa nokubuka izinto ngethemba. Empilweni yami ngihlezi nginethemba noma ngabe ngibhekene nasiphi isimo. Ngikholwa wukuthi lokho kuyisiqalo sokuphumelela ekubhekaneni nezinselelo. Namanje yisimo esifanayo.”
Uyavumelana noTinkler oke wathi abadlali kumele balwe ngakho konke ngoba ekugcineni imiholo yabo isengcupheni.
“Uma nibuka imidlalo nibona abadlali abawu-18 kuphela kodwa sinabantu abasemahhovisi abanakekela imindeni yabo njengoba nathi sinakekela imindeni yethu, bonke babheke thina. Umehluko wukuthi yithina esikhethiwe ukuthi sizolwela iqembu futhi sizokwenza lokho kuze kube sekugcineni,” kusho uTimm.
Uthe okuhle ngoTinkler wukuthi azikho izinguquko ezinqala azenzile ebezizodida abadlali kulokhu abakujwayele.
“Ungumqeqeshi ohlakaniphile. Akukho okutheni akwenzile ukuphazamisa lokhu abadlali abese bekwazi. Ufake izinto ezimbalwa nokusizile ekutheni sishaye amagoli.”
I-United isishaye amagoli ayisikhombisa emidlalweni emithathu edlule.