"ISIKILE iKaizer Chiefs ku-Ernst Middendorp." Lawa ngamazwi okuqala aphume emlonyeni kaFadlu Davids ohleli ngesinqe esisodwa kwiMaritzburg United asaphumelele ukunqoba kuyona imidlalo emibili kuphela kwewu-19 eyihlanganisa yonke imiklomelo.
Ngesikhathi iChiefs iqasha uMiddendorp kuke kwasabalala amahlebezi abematanisa uDavids nesikhundla sokuba yiphini lomqeqeshi kwiChiefs. Lesi sikhala sigcine sivalwe ngenkakha yomgadli weBafana Bafana, uShaun Bartlett.
Iyaziwa indaba yokutholana kukaDavids noMiddendorp okuyiyona imbangela yokuthi leli phephandaba liwuqondise kulo mqeqeshi weTeam of Choice, ukuthi ucabangani ngokusayiniswa kwalo mqeqeshi waseGermany kulesi sikhundla esiphendleke ngokuxoshwa kukaGiovanni Solinas.
Uqale ngegiya eliphezulu nokho uMiddendorp kwazise emdlalweni wakhe wokuqala unqobe ngo 1-0 kwiSuperSport United ngaphansi kweligi kwathi owesibili kwaba oweCAF Confederation Cup nawo awunqobe kalula. Akufihliwe ukuthi akubona bonke abalandeli beChiefs abakujabulele ukubuyiswa kwalo mqeqeshi owahamba sekukubi (phakathi kwakhe nabalandeli beChiefs) eminyakeni ewu-12 edlule.
“Isikile iChiefs. Yebo umngani wami, ngakho kuzoba sengathi ngimkhuluma kahle kodwa iqiniso limile ukuthi uwuhlobo lomqeqeshi olungatholakali kalula. Akasaleli emuva. Konke okusha okwenzekayo ebholeni uyazihlupha ngokukwazi. Sikhuluma lapha ngomuntu onemizi emithathu kuleli. Lowo muntu uyazi yonke into eyenzekayo ngebhola lakuleli yingakho ngikholelwa ekutheni iChiefs ihlabene kakhulu ngokuthola uMiddendorp,” usho kanje uFadlu.
Uveze ukuthi uMiddendorp osebalwa njengabantu bakuleli ngokwesikhathi asesichithe kuleli unomuzi eThekwini, ePort Elizabeth naseGoli.
NgokukaDavids, asikho isidingo sokuthi iChiefs ingene emakethe ngoba isiphethe ungqondongqondo ozoguqula yonke into ngabadlali azobafica eqenjni.
“Inhlanhla enkulu yeChiefs ngokuhlabana ngalolu qweqwe ukuthi ngisho sekuvuleke iwindi lokushintshana ngabadlali ngeke ibhoboke ephaketheni ngoba uMiddendorp uwuhlobo lomqeqeshi oluthandayo ukuzikhulisela bona abadlali.
"Njengoba iChiefs inabadlali abaningi futhi abahle kanje, uzobona into yamehlo uma sebemuzwa kahle bonke abadlali,” kusho uDavids.