ISINALO iqhinga lokunyomfa zonke izinhlelo ze-Orlando Pirates, iHoroya AC yaseGuinea ezodudulana nezikaMilutin “Micho” Sredojevic kowesibili wamaqoqo ngaphansi kweCAF Champions League kusasa ngo-7 ebusuku e-Orlando Stadium.
Lokhu kushiwo umdlali wayo wasesiswini, uNaby Soumah (osesithombeni) ngesikhathi ekhuluma ne-website yaleli qembu eliqale ngokubamba ompetha balo mqhudelwano i-Esperance de Tunis.
Ngemuva kwalo mphumela we-Esperance leli qembu obekuyilona futhi elimise kabi iMamelodi Sundowns eminyakeni edlule emqhudelwaneni ofanayo, lifike kuleli linokukhulu ukuzethemba.
Kwenzeka konke lokhu nje, iPirates aziyihambeli kahle izinto njengoba idlala ngokulingana kungafanele okugcina ngokuthi ilahle amaphuzu amqoka nakwi-Absa Premiership. KwiChampions League isifo sePirates sokudedela amagoli kumbe ibe buthuntu ngendlela exakayo sibukeka siqhubeka futhi uma ingazithela ngabandayo kwiHoroya umqansa uzoqonga kuleli qoqo ekulona ngoba linzima.
Lo mdlali weHoroya uzishaya isifuba ngokuthi useke wasidlala lesi sigaba nabanye abaningi abazobe bekhona enkundleni ngakho-ke akukho okufanele bakwenze ngaphandle kokuyibamba ngobhongwane iBucs.
“Akukho okudlula ukuthi uma isinika ithuba lokuthi siyicindezele iPirates silibambe ngazo zombili. Emaqenjini afana nayo kufanele usebenzise wonke amandla namava onawo ngoba ayingozi. Sihlele ukuyithwalisa kanzima kulo mdlalo (ongowayo) siphinde senze okufanayo noma sesisekhaya,” usho kanje.
Leli qembu selivele linesonto lifikile eNingizimu Afrika ukuzozijwayeza nesimo sezulu nakho konke abadinga ukukujwayela.
“Kuyangijabulisa engikubona emehlweni ozakwethu. Kusukela sifikile sonke siyazi ukuthi yini okumele siyenze futhi sonke sazi kahle kamhlophe ukuthi sizeleni eNingizimu Afrika. Kuyathokozisa nokwazi ukuthi iPirates idlale ngokulingana kodlule ngakho-ke lokho kusitshela ukuthi uma sithola umphumela oncomekayo sizobe sizisize kakhulu. Indlela esiqale ngayo isenza sizizwe singanika noma ubani esibhekana naye eqoqweni inkinga. Kumqoka ukuthi simlalelisise umqeqeshi ukuthi yini afuna siyenze kulo mdlalo,” kusho yena.
“Siyazi kumele siwuzele kanjani lo mdlalo. Kusezandleni nasekuhlakanipheni kwethu ukuthi sizibeke ebuhleni ngomphumela esizowuthola kulo mdlalo. Uma senze njalo siyazi ukuthi siyobe silethe injabulo kubaholi bethu, kithina nakubalandeli bethu. Sinethuba lokuthola umphumela ozofana nomjovo kithina uma umqhudelwano usungena kuvuthondaba.”