UZOKWAZI ngoLwesibili umqeqeshi weBafana Bafana, uMolefi Ntseki, ukuthi iqembu lakhe kuzofanele liqwale yiphi imimango ukuzibekisela indawo kwi-2022 Fifa World Cup ezosingathwa yiQatar.
EyangoLwesibili ivele neSouth African Football Association (Safa) ethumele isitatimende icacisa ukuthi uNtseki nemenenja yeBafana uLevy Ramajoe bazobe bekhona e-Egypt lapho kuzobe kuqhathwa khona amaqoqo okuhlungela ithikithi eliya eQatar.
UNtseki neNingizimu Afrika yonke bazobe bekubheke ngabomvu ukuthi iBafana iqhathwa namaphi amazwe kwazise sekunesikhathi eside yagcina ukudlala kweyomhlaba, ingasaphathwa-ke eyokudlala ngokuzibekisela indawo
Empeleni kulo nyaka kuqala ishumi elisha leminyaka iBafana iyizwa ngendaba iWorld Cup kwazise igcine ukudlala kuyo ngo-2010 iyisingethe.
Ngaphambi kwalokho ibikade igcine ukudlala kwiWorld Cup ngo-2002 eSouth Korea naseJapan.
Kwakungokwesibili idlala kwiWorld Cup ngo-2002 kwazise ibingelele ngeka-1998 ebiseFrance.
Ngemuva kuka-2010 iBafana ilikhombile ibhanoyi labebemele iConfederation of African Football (Caf) eBrazil.
Kube ngesifanayo nango-2018 eRussia lapho iCaf ingene khona ehlazweni womahlanu amazwe abeyimele eqopha umlando omubi wokuphuma wonke ngomzuliswano wokuqala, wamaqoqo.
EyangoLwesibili iqinisekiswe yiyo iCaf ekhiphe nohla lwemidlalo yokuhlunga ye-2021 Africa Cup of Nations (Afcon) neye-2022 Fifa World Cup ebuyekeziwe.
Eye-Afcon ibuyela ensimini ngoMashi 23-31, ngoJuni 1-9 bese isongwa ngo-Agasti 31 kuya kuSepthemba 8.
KUFANELE umqondo kaMolefi Ntseki ocija iBafana ube phezu kwebhola ngemidlalo yokuhlunga nezinguquko ze Caf okubhekwe zimvune
Kuzobe sekuqala eyeWorld Cup ngo-Okthoba 5-13 ize isongwe ngoNovemba 16.
IBafana isivele iyiqale ngebatha eyokuhlungela i-Afcon eseCameroon kwazise ibhabhadiswe ngo 2-0 yiGhana yase inqobe ngo 1-0 kwiSudan.
Elinye izwe eqhathwe nalo kwiGroup C, yiSao Tome e Principe, okulindelwe ibuye namaphuzu ayisithupha kuyo.
ICaf isiyibuyisele kuJanuwari i-Afcon ngemuva kokuba ibiyishintshele kuJuni/Julayi njengoba kubonakele kwebise-Egypt nyakenye.
Izinguquko ezenziwe yiCaf kufanele zimvune uNtseki.