IMPICABADALA yodaba lomdlali weMamelodi Sundowns, uWayne Arendse, okunophenyo ngaye lokuthi kungenzeka kwephulwa imithetho yePremier Soccer League (PSL) elawulwa ukudlala kwemidlalo yalesi sigaba ngesikhathi edlaliswa emdlalweni neBidvest Wits, isiqubule izinsolo ngetulo okungenzeka ukuthi kuqondwe ngalo ukwehlisa isivinini Amasandawana ahamba ngaso.
Ngalolu daba iPSL isiyalele iSundowns ukuba yenze izethulo ngakho konke okwenzekayo ngosuku lomdlalo ukuze ikwazi ukufinyelela esinqumweni esingujuqu ngale ndaba uma itholakala inecala noma iphuma phambili.
Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto ngomthombo uthe ukufakwa kwalo mdlali ekubeni wayengezukudlala ngalelo langa kwaba ngemuva kokulimala kukaThapelo Morena ngesikhathi sokuzifudumeza kwabadlali ngaphambi kokuthi kuqale umdlalo.
Kwabe sekulandelwa yonke imigudu efanele njengokulandisa kwemithetho elawula imidlalo yePSL ngokufakwa kwakhe ohleni lwabadlali abazodlala ngalolo suku.
“Kuthiwa ngemuva kokulimala kukaThapelo imenenja yeSundowns (Peter Ndlovu) yabe isixhumana noKhomishina womdlalo kanye nonompempe owabe ezodlalisa ngalolo suku. Batshelwa ngokulimala komdlali nokuthi bafuna ukuchibiyela indawo yakhe ngoWayne (Arendse) ongekho ohleni lwabadlali abebekade besohleni lwabadlali abebethulwe ekuqaleni. Yonke into yenziwa ngendlela ngoba neWits ayibanga nankinga njengoba ngemuva kwezinyanga ezine sekuqubuka le mpambankwici ngokudlala kukaWayne,” kusho umthombo.
“Kuyaxaka ukuqubuka kwalo msindo ngoba umbiko kaKhomishini awusho lutho ngokudlala kuka-Wyne, okunamanje awukho omunye osugudlukile kulona wokuqala. Ngokunjalo kuthiwa neWits iyaziqhathulula ngokuthi yona ayazani naloludaba ngoba ayizange ifake isimangalo. Manje lokhu sekuqubula izinsolo zokuthi kunetulo elibazwayo lokuthola izindlela zokugudluza iSundowns esicongweni selog,” kusho umthombo.
Lo mthombo uphethe ngokuthi isimo esinjena senzekile kuyona iSundowns ngaphambili lapho yashintsha khona unozinti ngokulandela indlela efanayo, akubanga nalutho ngoba imigomo yayilandelwe ngendlela efanayo.
UJoe Nkosi, ongomunye wabahlaziyi bakanobhutshuzwayo nowake waba yisikhulu esiphezulu kwiCrystal Brains nakwiJomo Cosmos nakwamanye amaqembu amaningi kwiNational First Division (NFD) uphawule wathi: “Umthetho usobala uma ufuna ukufaka umdlali obengekho ohleni lwabadlali abebethulwe ekuqaleni. Kufanele iqembu elifuna ukwenza lokho libikele uKhomishana womdlalo ukuze akwazi ukuhlanganisa zonke izinhlangothi ezithintekayo bese ezibikela ngodaba. Uma iSundowns ingakwenzanga lokho kuyobe inecala kodwa uma ikwenzile iyophuma phambili, ngaphandle uma kukhona okunye esingakwazi.”
Imizamo yokuthola uhlangothi lweSundowns ukuthi luqinisekise ngokufaka kwalo izethulo nokuthi ngaba konke kwahanjiswa njengoba kulandisa imithetho elawula imidlalo ngaphambi kokuthi umdlali afakwe ohleni lwabadlali ayiphumelelanga.
Isikhulu esibhekene nezokuxhumana kuleli qembu uThulani Thuswa, sikhale ngokuxineka nokushayela imoto sathi asithunyelelwe imibuzo ngomqhafazo ukuze sikwazi ukuphendula. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilelela singazange siphendule