UDANNY Jordaan, umengameli weSouth African Football Association (SAFA), usemathubeni amahle okuthi anyukele ekomitini elikhulu le-International Federation of Association Football (FIFA).
Lokhu kuzokwenzeka engqungqutheleni yeCAF (Confederation of African Football) ezokuba ngokuphela kukaSepthemba, ekomkhulu lale nhlangano, eliseCairo, e-Egypt..
Ukwethenjwa kukaJordaan kunezimbangi zakhe kwenzeke engqungqutheleni yesifunda seCouncil of Southern African Football Associations ebiseGoli ngoLwesihlanu emini.
Abebephonselana inselelo noJordaan bekunguWalter Nyamilandu Manda, waseMalawi no Elvis Chetty odabuka eSeychelles.
Elinye ilungu lesigungu esiphezulu seSafa, elingathandanga ukudalulwa lithe akusekho okunye okungamvimba ekutheni angene kwiFIFA.
“Uyongibuza ungiphale ulimi uyangena noma yikanjani kulelihlandla.
Umkhankaso wokuthi umengameli ayongena esigungwini seFIFA waqala ngesikhathi seNdebe yoMhlaba, eRussia.
“ Kuyabonakala ukuthi indlela yakhe manje iyakhanya ngoba masizwa kuthiwa namanye amalungu eFIFA ayamesekela ukuthi anyukele ezingeni lomhlaba,”kusho ilunga lesigungu seSAFA.
Kuthiwa njengoba bebe bathathu abalangazelela ukuthi kube yibona abamela iCosafa emhlanganweni weCAF okuyiwona ozocabanga indlela ebhekene eZurich, umengameli weCosafa, uPhillip Chiyangwa, ube esecela ukuthi lesifunda singayo kulomhlangano siyinhlakanhlaka kodwa sikhulume ngazwi linye.
Ababebanga bacelwa ukuthi benze izethulo ukuze amalungu phambi kwamalungu awu-14 eCosafa nokuthiwa kube yilapho-ke uJordaan ezakhele khona ugazi.
Kuthiwa kube yilapho-ke, uJordaan azidlele khona amahlanga wathola amavoti amaningi. Emalungeni awu-14, bobabili bathole amavoti ayisithupha. Oyedwa uthola amavoti amane kwathi omunye aba mabili.
Khonamanjalo, Isolezwe ngeSonto lithole ukuthi kuzoqopheka umlando ebholeni laseNingizimu Afrika njengoba kuzokuba okokuqala ukuthi onompempe babe nabaxhasi abazoqondana nabo ngqo.
Ngokuhabula kwaleliphephandaba kuzothi ngoLwesibili iSAFA imemezele inkampani yakwa-Outsurance Holding Limited njengabaxhasi bonondweba.
Ukumenyezela kwala baxhasi kuzokwenziwa ekomkhulu leSAFA, eliseNasrec, ngoLwesibili.
Le nkampani ingenye yemixhantela yezinkampani ezingaphansi kweRand Merchant Investment Holdings.
Le zindaba ziphinde zaqinisekiswa nguDominic Chimhavi, oyisikhulu esibhekene nokusakaza izindaba zeSAFA.
Yize uChimhavi eziqnisekisile lezindaba kodwa unqabe waphetha ukudalula imininingwane ngesivumelwano lezinhlanga zombili ezivumelane
ngayo.