UKUBHEDUKA kwecoronavirus kuphazamise izinhlelo zikawonkezonke kunobhutshuzwayo emhlabeni kodwa kunabadlali abathole ithuba lokululama ekulimaleni kwesikhathi eside ukumiswa osekubabeke ethubeni lokusiza amaqembu abo uma kuthathwa izinqumo zokuqedela isizini ka-2019/2020.Eqhulwini ohlwini lwalaba badlali kukhona izilomo zamaqembu aseLondon abalwa kwamakhulu kwi-English Premier League, uChrsitian Pulisic weChelsea noHarry Kane weTottenham Hotspur.UPulisic kumiwe maphakathi noMashi selikhona ithemba lokuthi usezoqala azilolonge nozakwabo nokusho ukuthi ubezobe esedlala ngo-Ephreli.Kulo nyaka lesi silomo sase-USA iChelsea esithenge kwiBorussia Dortmund, besingakalitholi ithuba kulo nyaka kwazise sigcine ukungena enkundleni ngoJanuwari 1.Kungalolo suku lapho elimale khona okhalo.Ekuphelni kukaJanuwari ubuyelile ekuzilolongeni neqembu kodwa waphinda wathunukala. Lokho kumenze akangakwazi ukuzilolonga kwaze kwaba nguMashi nokuthe uma esethi kuyalunga, kanti sekuyamiwa.
UKUMISWA kwebhola kunike uChristian Pulisic ithuba lokululama ngokugcwele ngemuva kokuba eke wathunukala esethi uyabuya Izithombe: AP Lo mdlali, osebasele amagoli ayisithupha ngesigamu sokuqala ngesizini yakhe yokuqala kwiChelsea, bazothi abanye bekhala ngokubheduka kwecorona kodwa yena uzoba nakho ukuyibuka ngeso lokuthi imsizile yamnika ithuba lokululama ngokugcwele.Uma iqhubeka isizini usenethuba elihle lokuthola ijezi asize iqembu lakhe liqede endaweni ezolifaka kwi-Uefa Champions League ngesizini ezayo.ITottenham ibithe ukugqemeka yona kwazise uKane ubelimele kanye nozakwabo okubalwa kubo uMoussa Sissoko noSteven Bergwijn bonke asebeluleme.UKane uhlinzwe ngoJanuwari ngemuva kokudonseka umsipha wensweba.Ongoti babebike izinsolo zokuthi kungenzeka engabe esadlala kle sizini kwazise ukululama kwakhe yinto ebikhonjwa ku-Aphreli kanti leso sikhathi asimvumi umuntu ongekho qatha ngoba kusuke sekushehswa, sekusongwa.Lokho bekumbeka nasengozini enkulu ekuholeni i-England emidlalweni ye-Uefa European Championship.Empeleni naye uKane ucashunwe kwi-talksport.com evuma ukuthi yize zizimbi izindaba zecoronavirus kodwa yena neqembu lakhe bahlomulile ngokumiswa kwemidlalo."Uma ngibuka isimo nje, nakanjani besinama-Euro abeza futhi ngicabanga ukuthi bengiboe ngingekho qatha ngokwanele ngokwezinga lomsebenzi wokuzilolonga nemidlalo. Ngakho ngenxa yalokho ungasho ukuthi kungisizile ngaleyo ndlela (ukumiswakwemidlalo ngenxa yecorona)," kusho uKane kwiTalksport.