INJINI ye-Orlando Pirates, uXola “Ten Ten” Mlambo, ayifuni iyingene ekhanda impikiswano ngokushaywa ngesithende kwayo kwiBafana Bafana ngumqeqeshi uStuart Baxter.
UMlambo ungomunye wabadlali abasefomini kwi-Absa Premiership kusukela kuqale isizini ka-2017/2018.
Indlela ayibamba ngayo enkabeni yenkundla kweZimnyama isihlomulise leli qembu emidlalweni eminingi kule sizini osekuthele izithelo zokuthi lizihole phambili kwi-log.
UMlambo nakuba ethanda ukudlalela iBafana kodwa ukholwa wukuthi kunezinto endleleni adlala ngayo okufanele azilungise ukuze uBaxter ezobheka ngakuyena uma eqoka iqembu lakhe.
“Njengomdlali wesigaba esiphezulu kufanele uzazi izinselelo ezihambisana nokudlala kusona.
Zonke lezi zinkulumo angizifakanga enhliziyweni kodwa ngizithathe njengezinkulumo ezingigqugquzelayo ukuthi ngisebenze kanzima.
Ukunganikwa ithuba lokudlalela iqembu lesizwe mhlawumpe kuchaza ukuthi usemkhulu umsebenzi okufanele ngiwenze, kune-zindawo endleleni engidlala ngayo okufanele ngizilungise.
Yilokho okufanele ngigxile kukho ukuthi ngiyikhuphula kanjalo indlela engidlala ngayo ukuze ngizonikwa ithuba lokumela izwe lami. Hhayi ukugxila ekutheni kungani ngingafakwa esikwatini. Akubalulekile okwamanje.
Kuningi okufanele ngikulungise futhi ngiphezu kwakho. Ithimba labaqeqeshi liyangisiza ukuthuthukisa indlela engidlala ngayo. Ngiyethemba ukuthi kuzothela izithelo. Kodwa ngisebenza kanzima ukuphucula indlela engidlala ngayo njengokumaka, ukuhlasela kakhulu, ukwakha amathuba nokushaya amagoli.
Kodwa konke kuthatha isikhathi. Inqobo nje uma ngizinika isikhathi kuzoba ngcono,” kusho uMlambo.
Emasontweni adlule, owayeqeqesha uMlambo kwiCape Town All Stars nakwiChippa United, uDan Malesela utshele abezindaba ukuthi ukuba wuyena umqeqeshi weqembu lesizwe ngabe lo mdlali uphakathi kulona.
Wathi le ndaba yokuthi akamaki uMlambo akayizwa kahle ngoba bakhona abadlali abaphezulu kuleli, okukhona kubona uDoctor Khumalo ababengamaki kodwa babegila izimanga kwiBafana Bafana.
“Angazi noma umqeqeshi uDan ukusho lokho ngenxa yobudlelwano mina naye esinabo. Kodwa ngokumazi kwami ungu-mqeqeshi othembekile futhi akasabi ukusho izinto njengoba zinjalo.
Ukuba wuyena umqeqeshi weqembu lesizwe, nangendlela akhuluma ngayo, ngicabanga ukuthi ngabe usenginikile ithuba eqenjini lesizwe.
Kodwa akufanele sikukhohlwe ukuthi abantu abafanani. Kunjalo nakubaqeqeshi. Banezindlela zokudlala ezahlukene, banemibono yabo.
Asikwazi ukubaqhathanisa. Kubuhlungu ukuthi akayena umqeqeshi weqembu lesizwe. Ngiyathemba ukuthi ukuba ubenguyena bengizoba nenhlanhla yokuqokelwa ukumela iNingizimu Afrika,” kusho uMlambo.