UKUKHULA kweqembu lakhe kusukela efikile, kumvala izindlebe uClinton Larsen ongumqeqeshi weLamontville Golden Arrows aze agcine ebukeka sengathi akakunakile ukuthi iqembu lilahla amaphuzu esikhundleni sokuwaqoqa ngenxa yokudlala ngokulingana.
Abafana Bes’thende bazihola phambili kwi-Absa Premiership ngokudlala ngokulingana njengoba bese kungokuka-11 emidlalweni engu-19 ngeSonto bebambana ngo 2-2 neBaroka FC ePrincess Magogo. I-Arrows ihleli kunombolo-10 kwi-log kodwa lokhu akumkhathazi kangako uLarsen ohlanyiswa wukukhula akubona kubadlali bakhe.
Lo mqeqeshi wakhona eThekwini uzishaya isifuba ngokuthi i-Arrows ayikaze ibalwe namaqembu asengozini yezembe kusukela yena nethimba lakhe labaqeqeshi bethathe izintambo ngo-2014.
Abalandeli bebhola eNingizimu Afrika bakubona njengokulahla amaphuzu ukudlala ngokulingana kodwa uLarsen ugxile kokuhlukile kodwa akuchaza njengekusasa le-Arrows.
“Ngeke ngicashe ngesithupha kumbe ngisenge ezimithiyo ngithi kuyangijabulisa ukudlala ngokulingana okulokhu kusilandele kodwa akuyona yodwa into okumele ibhekwe. Kusukela ngifikile kwi-Arrows asikaze sibalwe namaqembu asezembeni. Ngiyavuma sesidlale kaningi kakhulu ngokulingana kule sizini kodwa isikhathi esiningi akukhona ukuthi yingoba thina singenawo amava kepha ukuqina kwamaqembu esibhekana nawo kwi-Premiership,” usho kanje uLarsen ngeSonto.
Uthi okumkitazayo wukukhula kwabadlali nokuqhubeka kokulokhu beba ngcono njengoba isikhathi silokhu sihamba.
“Sinomkhuba wokwakha amagama amasha ebholeni laseNingizimu Afrika njengoba besilokhu senza minyaka yonke. Nakulokhu sinabadlali abafana noNdwandwe (Velemseni), Buthelezi (Mzwandile) nabanye abaningi abakhulayo ngesivinini. Sineme kakhulu ngendlela esenza ngayo. Okusijabulisa kakhulu wukuthi sithi sibakhuphula laba bafana kodwa iqembu alehli. Alikho iqembu elingathi lisinenebulile kule sizini noma amabili adlule. Vele asikaze sithi sizodla isicoco kodwa sakucacisa isizini iqala ukuthi sizolwa futhi siyakwenza lokho. Aseneme ngemiphumela. Sesidlale kakhulu ngokulingana kodwa kulokho kudlala ngokulingana, ukube sishayiwe kuleyo midlalo ngabe yithina esibambe ibhuleki.”
NgokukaLarsen, ukushintsha lokhu kudlala ngokulingana ngokushaya AmaZulu ngempelasonto, kungaba yiphilisi elimnandi. Uyaqonda nokho ukuthi ngeke kube lula ngoba Usuthu lusenesibhobo ngenxa yomphumela womdlalo wangomzuliswano wokuqala. I-Arrows yawuwina ngo 4-1 lowo mdlalo.