UTHOLE ingqayizivele yethuba lokulwela ukubhekana namaqembu amakhulu ase-England njengeChelsea ne-Arsenal, uThulani “Cream” Serero osize iqembu lakhe laseNetherlands, iVitesse lizibekisela indawo kweyokuhlungela ukuba yingxenye ye-UEFA Europa League ngesizini ezayo.
Uyidlale yowu-90 imizuzu ngesikhahti kwenzeka lokhu uSerero. IVitesse inqobe ngo 2-1 kulo mdlalo womlenze wesibili kweyokuhlunga bebhekene ne-Utrecht. Isihlangene yomibili imilenze ezikaSerero, ozobe engaqali ukudlala emqhudelwaneni we-UEFA, zinqobe ngo 5-3.
Ngesikhathi uSerero esadlalela i-Ajax Amsterdam ubejwayele ukudlala kwiChampions League.
Ngomunye unyaka uSerero wazidingisa ekudlaleni ngoba esaba ukuthi angase alimale koweBafana Bafana owabe useThekwini.
Ngemuva kwezinsuku ezintathu iBafana idlale eThekwini, i-Ajax yayizodlala neFC Barcelona kwiChampions League.
E-France, uKeagan Dolly uyivale ngenothi eliphezulu isizini kwazise uwudlale wonke umdlalo weMontepellier ibambana ngo 1-1 neRannes.
Baqede endaweni yeshumi kodwa okuhle wukuthi isizini iphele eseqalile ukuziveza uDolly, okwenza ukuthi kubhekwe lukhulu kuyena ngesizini ezayo.
Omunye umdlali weBafana odlale wonke umdlalo wokugcina eFrance, uLebohang Mothiba.
Ngeledlule usindise iLille ezembeni kodwa akazange aphumelele ukusiza kulokhu belotsholwa iSt Etienne ngo 5-0 okwenze baqeda bekunombolo-17.
ULebohang Phiri okwakhe bekuhlukile kwazise ungene sekusele imizuzu engu-17 kuphela ukuthi umdlalo uphele ngesikhathi ezakhe, iGuingamp zikhala ngaphansi ngo 2-1 kwiToulouse (baqede kunombolo-12).
UBongani “Ben 10” Zungu we-Amiens uyivale kabi isizini beshaywa ngo 2-1 yi-Olympique Marseille okwenze baqeda endaweni ka-13 eFrance ngesizini yakhe yokuqala.
UMay Mahlangu osesalelwe imidlalo emibili ukuthi ayisonge naye isizini, ubedlala futhi kule mpelasonto ngesikhathi iDinamo Bucuresti inqoba ngo 4-0 kwiConcordia Chiajna. Lo mphumela uqinisekise ukuthi ngisho ngabe kwenzekani kule ligi yaseRomania kodwa lo mdlali weBafana ngeke adliwe yizembe.